Lungani Zungu
Ubudlelwano obudonse amashumi eminyaka phakathi kwalowo obengumholi we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango neqembu lakhe buphele kabi njengoba lo mholi ebiza iqembu lakhe lakudala “njengo wayeyisathandwa sakudala othukuthele”.
UMncwango wesule esiShayamthetho ngoLwesithathu waphinde wesula eqenjini ngoMgqibelo njengokubika kwe-Scrolla.Africa ngesonto eledlule.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa ngeSonto, uMncwango uthe usazocabanga ukuthi uzojoyina liphi iqembu.
Kodwa kuyaqina ukuqagela kokuthi uzolibhekisa kwi-ActionSA kaHerman Mashaba. Ngisho neqembu lakhe lakudala i-DA esitatimendeni lithe uzojoyina i-ActionSA.
“Sekunesikhathi eside ngikhuluma ne-ActionSA kodwa angikanqumi ukuthi ngizoyijoyina yini noma cha. Kodwa lena yipolitiki futhi usuku into ende,” kusho uMncwango etshela i-Scrolla.Africa.
UMncwango uzokwamukelwa njengomholi omusha weqembu esifundazweni ngemuva kokuxoshwa kobeyilungu lePhalamende le-ANC uMakhosi Khosa ngoNdasa.
UMncwango wenyuka esikhundleni kwi-DA kanti ngo-2015 ngemuva kokuhlula uMnu Sizwe Mchunu owayengumholi wesifundazwe KwaZulu-Natal engqungqutheleni eyayise-Richards Bay, enyakatho yeTheku.
“Angikho kwezombusazwe ukuze ngizicebise, kodwa ngifuna ukusebenzela abantu,” esho.
Kumuncu ukuhlukana kukaMncwango ne-DA kangangokuthi ngisho nomholi obemeseka we-DA KwaZulu-Natal uMnu Francois Rodgers umjikele.
“Sibona kufanele ukuthi aphumele obala emphakathini neqembu lakhe elisha ukuthi kungani ekubone kufanele ukuthi athokozele izinzuzo zehhovisi lakhe esiShayamthetho ngaphansi kwe-DA ngesikhathi ehlela ukuya eqenjini lakhe elisha lezepolitiki,” kusho uRodgers.
Ngokusho kukaRodgers lezi zinzuzo zihlanganisa uhambo lwaphesheya kwezilwandle ngenyanga edlule oluya e-Norway kanye nase-Uganda oludle abakhokhi bentela imali elinganiselwa ku-R150 000.
“Manje sesiyaqonda ukuthi uzongena esikhundleni sokuba usihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal ungakapheli uMfumfu, kanti lokhu kube uhlelo lwakhe kusukela ememezele ukwesula esikhundleni ekuqaleni kwaleli sonto.
“Noma ngabe yini angahle azame ukucasha ngayo uma ehamba, kubalulekile ukuthi umphakathi wazi iqiniso ngokwesula kwakhe,” kusho uRodgers.