Bucishe bachitheka sebugayiwe kwimbizo kahulumeni waseKZN edle R2m

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomsa Dube-Ncube usedalule ukuthi imbizo yakhe obucishe bachitheka sebugayiwe kuyona ngoLwesihlanu, idle u-R2 million wemali yabakhokhi bentela!

Kule mbizo iMeya yaseMngeni, uChris Pappas isinde ngokulambisa ngemuva kokuthi abaholi be-ANC bephazamise umcimbi wosuku lwezemidlalo obuseMphophomeni Stadium ngaphandle kwaseMgungundlovu.

Abahlaseli kuthiwa balimaze imoto kaPappas ngesikhathi befuna kusetshenziswe inkundla ngokungemthetho ukuze kuhlonishwe imbizo kaNdunankulu waseKZN ka-R2 million.

Abaholi be-ANC esifundeni iMoses Mabhida beholwa yiMeya ye-ANC eMgungundlovu uMnuz Mzi Zuma bagasele enkundleni babhekana noPappas.

Ngenxa yodlame, umdlalo kanobhutshuzwayo obekuhlelelwe ukuthi ube senkundleni uhoxiswe isigubhukane ukuze kuphephe abalandeli nabadlali, ngokusho komphathi kamasipala uMzingisi Hloni.

Ngemuva kodlame, uPappas uphuthunyiswe emotweni yakhe umshayeli wakhe ngesikhathi amalungu e-ANC eshaya imoto.

UDube-Ncube esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba uthe lo mcimbi udle uR2 million hhayi u-R3 million obusatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.

“Lo mcimbi wale mpelasonto obubhekiswe kubantu abangu-10 000 uhlelwe ngemali engaphansi kuka-R2 million hhayi u-R3 million oshiwo iKhansela uChristopher Pappas,” usho kanje.

Ngokuhamba kwesikhathi i-ANC ithe uPappas udale ingozi washayisa umuntu wesilisa (26) wabaleka ngesikhathi ebalekiswa ngemoto yakhe.

UPappas uthe uphunyuke engenamyocu. 

“Imoto yami ihlaselwe. Iqulu lezinsizwa beligqugquzelwa nguZuma. Umshayeli wami ube esethatha isinyathelo ngokushesha ukuze asibeke endaweni ephephile. Kuthe kusenjalo izinsizwa zashaya imoto namafasitela. Imoto yami inemifantu,” kusho uPappas.

“Amaphoyisa asukume azongenelela ngesikhathi sesihamba, kodwa uNdunankulu waqhubeka nembizo yakhe yize engazange ayibhukhe indawo.”

Uthe useziqalile izinyathelo zomthetho. UDube-Ncube naye uye enkantolo eyofaka isivimbelo kodwa sachithwa kwathiwa asiphuthumi.

UMaDube-Ncube ukhulume namalungu omphakathi abekhala ngezethembiso ezingafezwa minyaka yonke nokuntuleka kwemisebenzi, nokungalungiswa kahle kwezindlu zomxhaso.

UNdunankulu uthembise ukubhekana nosizi lwabo wabe esenikezela ngezindlu zomxhaso eseziphelile kweminye imindeni.

Esithombeni esingenhla: IMeya yaseMgungundlovu uMzi Zuma ophikayo ukuthi uhlasela iMeya yaseMngeni uChris Pappas

Umthombo wesithombe:Sithunyelwe

Izihloko zakamuva