Bonke abantu besifazane bathanda indoda edle ngobude

Elmon Tshikhudo

UThabiso Glen Madiba akayona indoda ejwayelekile.

Ubude bakhe bungamamitha ayi-2,06 futhi uyindoda ende kunawo wonke e-Limpopo – mhlawumbe naseNingizimu Afrika.

Lo mlisa oneminyaka engama-29 ubudala odabuka e-Miluwani e-Thohoyandou ubukwa yonke indawo lapho eya khona. Ubude bakhe obukhulu bumenze waba usaziwayo wendawo.

UMadiba uthi uthandwa kakhulu ngabesifazane abasebenzisa imigilingwane ukusondela eduze kwakhe.

Lokhu kudala izinkinga nentombi yakhe, uPfunzo Mukwevho, omude ngamamitha ayi-1,5 (ngaphansi kwamamitha amahlanu) futhi mfishane ngaphezu kwamamitha amabili kunesoka lakhe.

“Nginentombi yami enengane enezinyanga eziyi-11 kanti uma sihamba ndawonye edolobheni kuba nesixakaxaka.

“Amantombazane eza ngqo kimi angicele ukuthi ngithathe izithombe nawo.

“Ekuqaleni kwadala uqhekeko olukhulu phakathi kwami nentombi yami. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi wakuqonda ukuthi ngingumuntu obalulekile emphakathini.

Uthi uthula izinkulungwane zezicelo ku-imeyili ezivela kwabesifazane.

“Angibaphoxi, kodwa abayeki futhi lokhu sekube yingxenye yempilo yami,” esho.

UMadiba, ongumshayeli we-bolt e-Thohoyandou, uthi umndeni wakhe mude kakhulu. Amawele akhe uFulufhelo noNdamulelo angamamitha ayi-1,9 umuntu emunye.

“Ngijabulela impilo ngokugcwele futhi angizisoli ngokukhula ngibe mude kanje.

Kwesinye isikhathi amakhasimende angishayela ucingo uma ngifika angitshele ukuthi ebefuna nje ukungibona futhi lokhu sekuholele ekutheni ibhizinisi lichume,” esho.

Ngaphandle kwezinzuzo zokuba mude, kunezinselelo eziningi ikakhulukazi uma kukhulunywa ngosayizi bezingubo okunzima ukuwuthola.

Izihloko zakamuva