Sizwe Sibiya
Isihlabani somculi umlingisi nomdansi uJennifer J.Lo Lopez nomlingisi wase-Hollywood uBen Affleck babophe ifindo likasofa silahlane okwesibili emshadweni omhlophe e-Georgia eMelika ngoMgqibelo.
Lo mcimbi wenziwa ngemuva nje kwenyanga laba bashadikazi beshade okokuqala emshadweni owawuphuthuma e-Las Vegas drive-through chapel.
U-Affleck oneminyaka engu-50 ungumyeni wesine kaLopez, kodwa bobabili bathandana iminyaka emibili ngo-2002.
U-Affleck noJ.Lo oneminyaka engu-53 bashadele endaweni ka-Affleck engamahektha angu-87 e-Riceboro obekukhona izingane ezintathu zika-Affleck kanye nezingane ezimbili zikaJ.Lo kubika i-ET.
U-Affleck ungena emshadweni nezingane ezintathu azithola emshadweni wakhe wangaphambilini uViolet oneminyaka engu-16, uSeraphina oneminyaka engu-14 noSamuel oneminyaka eyishumi.
UJ.Lo ungena emshadweni namawele aneminyaka engu-14 ubudala u-Emme noMax awathola emshadweni wakhe wesithathu nomculi uMarc Anthony. Lowo mshado waqala kusukela ngoNhlangulana ngonyaka ka-2004 kuya kuNhlangulana ngo-2014.
Lo mshado ubuhanjelwe abantu abaphezulu abafana noMat Damon, uJimmy Kimmel kanye nemodeli yase-Australia uPia Miller kanye nabanye.
Ngosuku olulandelayo izihambeli zidle isidlo sasemini se-barbeque.
Umthombo wesithombe: Twitter