Everson Luhanga
Kutholakale izibhamu zohlobo lwe-AK47, i-R4, umuthi, uphethiloli neziqhumane endaweni yesigameko ngemuva kokuba amaphoyisa nezigebengu ezingu-25 ebezizobamba imoto yemali betholane phezulu ngezulu lezandla ngoMsombuluko.
Izidumbu zisakazeke umgwaqo nasemagcekeni emizi yabantu. Kutholakale nenqwaba yamagobolondo ezinhlamvu.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uvakashele endaweni yesigameko ngoLwesibili wathi izikhali eziningi ezitholwe ngemuva kokuchitheka kwegazi ngoMsombuluko zisetshenziswa emaphoyiseni nasembuthweni wezokuvikela.
“Izibhamu eziningi lapha ngama-AK47 anama-magazine amabili. Kuneziqhumane lapha, kukhona uphethiloli, umuthi nakho konke,” esho.
UKhomishana wamaPhoyisa e-Gauteng uLieutenant-General Elias Mawela, obephelezele uNgqongqoshe ukuya endaweni yesigameko, uthe abasolwa bayizigebengu ezinzima.
“Isibalo sezibhamu ezingekho emthethweni nezingabhalisiwe bezisakazekile laphayana – sesibale eziyisishiyagalombili kanti kukhona nesinye emgwaqeni onguthelawayeka lapho esijikijelwe khona ngabaphunyukile ngesikhathi bebona ukuthi bebejahwa ngamaphoyisa,” kusho uMawela.
Wengeze ngokuthi amalungu amathathu akwa-SAPS – i-Airborne Law Enforcement Officer namalungu amabili esiteshini samaphoyisa sase-Moffatview – adutshulwe alimala ngesikhathi sokuhlasela. Ngaphezu kwalokho, isikhulu sakwa-JMPD besiphakathi kwamaphoyisa alimele.
“Ilungu elilodwa lombutho we-SAPS seliphumile esibhedlela kanti amanye asathola usizo lwezempilo”.
NgoLwesibili uNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa amabili ayingxenye yabasolwa abangu-25.
Isitatimende esikhishwe i-IPID sikuqinisekisile ukuthi la maphoyisa amabili asagcwele amathafa, ngesikhathi abanye abasolwa abahlanu nabo besagcwele amathafa.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLt General Khehla Sithole, uthe amaphoyisa asungule ithimba le-National Task Team ngo-2020 ukuze kuliwe nezigameko zokibamba inkunzi ezinodlame.