ULungani Zungu noKabelo Tlhabanelo
Abaseka u-Ace Magashule kubukeka sengathi bamlahlile lapho ebadinga khona kakhulu njengoba elwa nokubalekela ijele, kanti bangaphansi kwekhulu abafikile bezomeseka enkantolo.
UNobhala-Jikelele weqembu le-ANC osamisiwe uvele enkantolo enkulu yase-Bloemfontein ngoLwesibili mayelana nethenda yemali eyizigidi ezi-255 zamarandi eyakhishelwa ukuthenga u-asbestos e-Free State ngesikhathi esanguNdunankulu.
Akusafani njengasekuqaleni, njengoba uMagashule ubehanjelwe abantu abambalwa kuphela enkantolo, okukhomba ukuthi ulahlekelwe ukwesekwa ngisho nasesifundazweni sakhe ayesihola njengoNdunankulu iminyaka eyishumi.
I-Scrolla.Africa phambilini yabika ukuthi abaxhasi bamlahla uMagashule, futhi lokhu bekubonakala ngaphandle kwenkantolo njengoba besingekho isiteji noma impahla yomsindo.
Ngesikhathi evela okokuqala enkantolo ngoLwezi olwedlule, kwamiswa isiteji esikhulu esihlotshiswe ngomfanekiso kaMagashule ukuze akhulume nabalandeli bakhe abaningi.
Njengoba abamesekayo sebevele banyamalala, kodwa bebekhona labo abafa bevuka naye. Kulabo abebekhona kubalwa phakathi uCarl Nieuhas nowayenguNdunankulu wase-North West uSupra Mahumapelo.
Icala likaMagashule lihlehliselwe umhla zi-3 kuLwezi, nokuwusuku azalwa ngalo – futhi ezinsukwini ezimbili nje kuphela ngemuva kokhetho lohulumeni bendawo obelubekelwe umhla zi-1 kuLwezi.
UMagashule ukhulume kafushane nabalandeli bakhe abambalwa, ebanxusa ukuba bavotele iqembu le-ANC okhethweni oluzayo.
Ugxeke umbuso, wathi ugqugquzelwa ezepolitiki.
“Basimoshela isikhathi sethu ngoba kuyacaca ukuthi alikho icala lapha futhi lento ihlobene nezepolitiki,” kusho uMagashule.
Umsekeli wakhe uMaipato Meya utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzoculela uMagashule mhla zi-3 kuLwezi.
“Ngizobe ngicula ngithi ‘ngikufisela usuku lwenkantolo olumnandi, ngikufisela usuku lwenkantolo olumnandi’,” kusho uMeya.
“Ngicabanga ukuthi abaningi bazomfisela okuhle ngosuku lwakhe olukhethekile.”
UThabiso Lerumo uthe uMagashule bekufanele achithe usuku lwakhe lokuzalwa ekhaya nomndeni wakhe.