Beselifakwe amasondo ikhansela le-IFP elibulewe

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane noMlungisi Gumede

Ikhansela le-IFP uKiller Mkhwanazi obulawe ngoMsombuluko ubevele esekhonjwe indlela eqenjini  ngaphambi kokuthi asocongwe.

Ubhekene nezinsolo zokungaziphathi kahle kubalwa nokuhola umbhikisho owawulwisana nomfowabo owayeyiMeya yaseMtubatuba uQhina Mkhwanazi.

Ngaphezu kwalokho kusolakala ukuthi wavota ne-ANC esifundeni uMkhanyakude nokuyinto eyona ubudlelwano bakhe ne-IFP.

Yize kade ekuphonsele inselelo ukuxoshwa kwakhe enkantolo, udaba belungakaxazululeki nokuyinto eyamvumela ukuthi aqhubeke nokuba ikhansela lewadi esifundeni uMkhanyakude.

Izolo amakhansela aseMkhanyakude eholwa iMeya uSiphile Mdaka ahambile ayobhonga emsaneni emndenini kaMkhwanazi.

I-South African Local Government Association (Salga) ibike ukuthi esikhathini esiyizinyanga eziyishumi sekushone amakhansela angu-39 KwaZulu-Natal. Amakhansela angu-17 abulewe, angu-17 ashona ngokugula, amabili azibulala kanti amathathu ashone ngenxa yezingozi zezimoto.

UMkhwanazi ubulawe ngoMsombuluko ephuma eMtubatuba elibangise e-St Lucia kanti onogada bakhe abathathu balimale kabi. Kubikwa ukuthi bayslashwa esibhedlela.

UMkhwanazi obeyikhansela le-IFP eMkhanyakude phambilini wake wafuna ukudla luhlaza owayeNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikalala emhlanganweni womkhandlu.

Muva nje kubukeka sengathi ubesenobudlelwano obuhle namakhansela e-ANC lokhu kufakazelwa izithombe ezathathwe emihlanganweni eyahlukene.

Imizamo yokuxhumana nomndeni wakhe ayiphumelelanga.

Kanjalo nemizamo yokuthola okhulumela i-IFP uMnu Mkhuleko Hlengwa ukuba aphawule nayo iphunzile.

Esithombeni esingenhla: Ikhansela le-IFP uKiller Mkhwanazi kanye nendawo yesigameko lapho abulawelwe khona

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva