Benze kahle abegalofu bakuleli kuma-Olympics

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abadlali begalofu abasebasha uBanele Makhubo noNhlanhla Mkabane babalwe phakathi kwabadlali abavelele emidlalweni Yomhlaba Yemidlalo Yama-Olympics e-Berlin, eJalimane.

Laba bobabili abafunda eMatshediso Special Needs School e-Tsakane bathole izindondo zegolide, kwathi omunye umdlali uThatohatso Mokgotla wathola iribhini ngokuqeda endaweni yesine emqhudelwaneni ngamunye. Umcimbi uphethe ngomhlaka-25 kuNhlangulana.

Imiklomelo yabafundi baseMatshediso yegalofu yengezwe kwizindondo zegolide ezingu-22 ezitholwe yiqembu lakuleli ngesikhathi somncintiswano emicimbini ohlanganisa i-table tennis, i-tenpin bowling, i-bocce, i-basketball, ibhola likanobhutshuzwayo, ukugibela amahhashi kanye nokubhukuda. 

Amaqembu aphinde aqoqa izindondo zesiliva ezingu-20 nezethusi eziyisikhombisa.

Uthishanhloko uThapelo Tshetlo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uyaziqhenya ngeqembu ngokumela isikole nezwe ngendlela encomekayo emqhudelwaneni womhlaba.

“Impumelelo yabo ikhombisa indlela abebesebenza kanzima ngayo belungiselela umqhudelwano. Ukuzilolonga kwamahora amade kugcine kuthele izithelo ezinhle,” usho kanje.

Uthe ubengalindele ukuthi iqembu lizohamba lingompetha kodwa ucele ukuthi bazijabulise futhi bafunde kwabaqhudelana nabo.

“Lesi senzo esiyingqopha-mlando sibeke isibonelo sokuthi abafundi bethu bangompetha futhi bangakwazi ukufeza noma yini abazimisele ngayo,” usho kanje.

“Kufanele futhi kuqede umqondo emphakathini wokuthi abaphilanga ngokwengqondo. Abanalutho; baphila saka ukuthi nje banezidingo ezikhethekile.”

UTshetlho ukhuthaza abazali abanezingane ezinezidingo ezikhethekile ukuthi baphumele obala bazibhalise ezikoleni ezikhethekile.

“Lezi zingane zifanelwe ithuba elihle lokufunda. Banamakhono angaba neqhaza emnothweni wakuleli, ezemidlalo nokunye,” usho kanje.

“Izinsuku zokubavalela ngaphandle kweminyango seziphelile. Nabo banendawo kulo mhlaba namathuba okwenza kahle kunoma yini abazimisele ngayo.”

Umdlali wegalofu uBanele Makhubo uthe ugxile ekhonweni abaqeqeshi ababelana ngalo neqembu ngesikhathi beziqeqesha.

“Ngigxile emgomweni wami wokuwina indondo yegolide futhi ngiyaziqhenya ngokuthi nginqobe le nqophamlando yomncintiswano,” usho kanje.

Isithombe esingenhla: UBanele Makhubo noNhlanhla Mkabane

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva