Benze ezibukwayo abakuleli kwiComrades Marathon 

Lubhalwe ngu-Anita Dengezele

Umsubathi we-Ultra Marathon waseMzansi uTete Dijana uvikele isicoco sakhe se-Comrades Marathon ngesitayela ngeSonto ngokuqeda ngesikhathi esihle kakhulu.

Ifulegi lakuleli liqhubekile nokundiza phezulu emjahweni wabesifazane njengoba intandokazi uGerda Steyn naye eqophe irekhodi elisha.

Kubonakale zisuka nje ukuthi uSteyn amehlo akhe athe njo emklomelweni wokuqala emjahweni wabesifazane kanti lo msubathi umuke nesicoco sika-R500k ebesibhekwe ngabomvu.

USteyn ushaye irekhodi leminyaka engu-34 ebelihlezi ku-5:54:43, walinciphisa ngemizuzu eyishumi lafinyelela ku-5:44:54.

U-Adele Broodryk ufinyelele endaweni yesibili ngesikhathi esingaphansi kwamahora ayisithupha wenza u-5:56:26, kwathi uCarla Monilaro waqhwakela endaweni yesithathu.

Khonamanjalo, owine i-Comrades Marathon ka-2022 uTete Dijana usivikele ngempumelelo isicoco sakhe njengoba ephule irekhodi labesilisa lango-2016 ebelihlezi ku-5:18:19, washaya irekhodi elisha ngesikhathi esingu-5:13:58.

UDijana ubebhekene nezinkunzimalanga ezifana no-Ayanda Ngcobo okhombise izinhloso zakhe kusenesikhathi kanti ubehola isiwombe sokuqala somjaho.

UDijana ugcine ehlanganise umfutho owanele wadlulela phambili elibangise e-Pinetown.

Nokho ukunqoba kwakhe akuzange kufike ngaphandle kwempi evela embangini yakhe enolaka umsubathi wase-Dutch uPiet Wiersma.

UWiersma udlule entanjeni imizuzwana nje ngemuva kukaDijana ngo-5:14:01, kwathi owake wawina i-up run u-Edward Mothibi waqeda endaweni yesithathu ngo-5:17:34.

Kuyaqala emlandweni we-Comrades Marathon ukuthi abasubathi abayishumi abahamba phambili emjahweni wabesilisa baqede emahoreni amahlanu nesigamu nje vo.

Bobabili uDijana noSteyn bagoduke nesamba semali engu-R1.2 million umuntu emunye kanye namabhonasi aqoshiwe.

Uhlu lwabantu besilisa abayishumi abahambe phambili

• Owokuqala uTete Dijana (RSA) oqede ngo-5:13:58

• Owesibili uPiet Wiersma (NED) oqede ngo-5:14:01

• Owesithathu u-Edward Mothibi (RSA) oqede ngo-5:17:34

• Owesine uGordon Lesetedi (RSA) oqede ngo-5:20:43

• Owesihlanu uRufus Photo (RSA) oqede ngo-5:21:48

• Owesithupha uJohannes Makgetla (RSA) oqede ngo-5:23:34

• Owesikhombisa uTeboho Sello (RSA) oqede ngo-5:24:23

• Owesishiyagalombili u-Aleksei Beresnev (RUS) oqede ngo-5:24:41

 • Owesishiyagalolunye uGift Kelehe (RSA) oqede ngo-5:27:53

• Oweshumi uJoseph Manyedi (RSA) oqede ngo-5:29:49

Isithombe esingenhla: Kwesobunxele: Owine umjaho wabesifazane uGerda Steyn kwesokudla: uTete Dijana ophumelele emjahweni wabesilisa

Umthombo: I-Twitter 

Izihloko zakamuva