‘Benginokucindezeleka kusukela ngisemncane’ – Hamilton

Lubhalwe nguRazeen Gutta

ULewis Hamilton uye wavula isifuba ngezinkinga zempilo yengqondo abhekana nazo empilweni yakhe – njengokuxhashazwa esikoleni kanye nengcindezi yokuncintisana kwezemijaho phakathi kwemizabalazo abhekane nayo.

Lesi sihlabani se-Formula One sitshele i-Sunday Times ukuthi singathanda ukuthola umelaphi azokhuluma naye nakuba sizizwa sisesimweni esihle somzimba ukuze siqhubeke nomjaho.

“Ngake ngakhuluma nowesifazane othile eminyakeni edlule, kodwa lokho akuzange kungisize. Ngingathanda ukuthola omunye umuntu engingakhuluma naye namuhla,” usho kanje.

“Okwamanje, ngizizwa ngingumqemane kunangaphambilini. Ngisesimweni esikahle, ngokomzimba nangokwengqondo. Izikhathi zami zisahamba phambili kakhulu kunezinsizwa ezisencane. Ngicabanga ukuthi ngingumshayeli ongcono kakhulu kunangesikhathi ngiseneminyaka engu-22.”

Ukuvula isifuba mayelana nokuthi yini ebangele ukucindezeleka kwakhe, umpetha womhlaba amahlandla ayisikhombisa uthe konke kwaqala ebusheni bakhe.

“Ngesikhathi ngineminyaka engamashumi amabili, ngadlula ezigabeni ezinzima kakhulu. Benginenkinga yezongqondo empilweni yami. [Ngibe] nokucindezeleka kusukela ngisemncane kakhulu, ngiseneminyaka engu-13. Ngicabanga ukuthi kwakuyingcindezi yomjaho nokuzabalaza esikoleni – kanye nobuqhwaga engabhekana nabo. Ngangingenamuntu engangingakhuluma naye.

“Bekunzima ekuqaleni ukuzothisa umqondo wami. Kodwa kuyindlela enhle kakhulu yokuxhumana nobumina, imizwa yami yangaphakathi, nokuqonda engingakwenza.”

Naphezu kokubhekana nobunzima, uHamilton uthi uthole ukuzimelela kanti uveze uNelson Mandela njengomunye wabantu abukela kubo empilweni.

“Ufunda ngezinto ezidluliselwe kuwe ngabazali bakho, uqaphela lawo maphethini, indlela osabela ngayo ezintweni, nokuthi ungazishintsha kanjani.

“Ngangimncane, nginamandla futhi ngingenazwelo, kodwa ngingenasici futhi ngingenabhalansi. Ngangingazi ukuthi ngingaba kanjani umdlali oyingxenye yeqembu nokuba umholi. Ukuba umshayeli womjaho ohamba phambili, akukhona nje ukuba nesivinini, kodwa kumayelana nokuba ngumuntu ozaziyo.

“Ngibheka u-Ayrton Senna kanye noNelson Mandela, okungabantu ababili engifuna ukuba yibo.”

Esithombeni ngenhla: ULewis Hamilton.

Umthombo: @streetfashion01

Izihloko zakamuva