Lubhalwe nguRorisang Modiba
Ongumethuli wezinhlelo zikamabonakude uMolemo “Jub Jub” Maarohanye uyakuphika ukuthi wabandakanyeka engozini yakamuva kaShebeshxt, eyadlula nomphefumulo wendodakazi yalesi sihlabani eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala, u-Onthatile.
Kwividiyo efakwe ku-X, lo owayengumethuli we-Uyajola 9/9 uthe: “Angihlangene nengozi kaShebeshxt futhi angikaze ngihlangane naye.
UJub Jub uthe amahlebezi avela ezinkundleni zokuxhumana asabalalisa imininingwane engamanga.
Nokho abanye abasebenzisa izinkundla zokuxhumana basole uJub Jub ngokufuna ukunakwa, bethi asikho isidingo sokukhipha ividiyo ngalolu daba.
Omunye ubhale ku-X: “Uzama ukunakwa ngokusebenzisa igama likaShebeshxt.”
Umculi waseLimpopo uShebeshxt ogama lakhe langempela uLehlogonolo Katlego Chauke kusolwa ukuthi uphenywa ngecala lokubulala ngokungenhloso kulandela ingozi enyantisayo eyenzeke emgwaqeni u-R37 ngaseSmelters Mine eLimpopo eyaholela ekushoneni kuka-Onthatile ekuqaleni kwale nyanga.
Ngokombiko weSunday World umndeni kaShebeshxt unethemba lokuthi uzolulama kusenesikhathi ukuze aye emngcwabeni wendodakazi yakhe.
Bebehlele ikuyingcwaba ngoLwesihlanu ngomhlaka-14 kuNhlangulana ngokwesekwa i-Limpopo Arts Movement.
Isithombe esingenhla: UShebeshxt.
Umthombo: Instagram