Lubhalwe intatheli ye-Scrolla
Engxoxweni eshiya umuntu ebambe ongezansi umlingisi wase-Nollywood uMonalisa Stephen udalule into eshaqisayo: yena nesoka lakhe bebenza ucansi amahlandla angu-27 ngosuku!
Lesi sihlabani sase-Nigeria asizange sifihle lutho njengoba sidalule imininingwane yocansi ku-YouTuber uKorty EO ohlelweni i-Love or Lies.
Ngokusho kukaMonalisa umcimbi wabo wocansi bebewenza yonke indawo endlini futhi uthando lwabo beluvutha amalangabi.
Uveze ukuthi babeze bethathe ikhefu ngokubuka amafilimu phakathi nalokhu ngaphambi kokuqhubeka nokwenza ucansi. Kodwa-ke, uye wavuma ukuthi akubona bonke ubudlelwano obuba nesiphetho esijabulisayo.
Lokhu akudalulile okushaqisayo kuthumele ukushaqeka ezinkundleni zokuxhumana kanti abasebenzisi be-inthanethi bazwakalise imibono eyingxube yokwesaba nokungakholwa lolu daba lwakhe.
Akukhona okokuqala uMonalisa eba sematheni ku-inthanethi. Phambilini uke wathi isoka lakhe alimvumeli ukuthi angenzi ucansi ngisho esesikhathini.
Njengoba izindaba zikaMonalisa zibhebhetheka okomlilo kubenemibono eminingi ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bebencoma isibindi sakhe ngesikhathi abanye bezwakalisa ukushaqeka nokumangala ngesipiliyoni sakhe kwezocansi. Ngalolu daba lwakhe uMonalisa Stephen uphinde waba ezindabeni ezihamba phambili e-Nollywood.