Menzi Magubane
Ukaputeni weBanyana Banyana uJenine van Wyk, usenxuse ozakwabo ukuthi batshale imali yabo esikhundleni sokuyisebenzisa.
Umdlali ngamunye uzonikwa u-R400 000 webhonasi ngokwesethembiso se-South African Football Association (Safa) ngokuphumelela kwabo uma sebebuyela ekhaya ngoLwesibili.
“Ngibatshelile ukuthi kumele batshale imali bengathengi izinto zikanokusho njengezimpahla zokugqoka noma izimoto,” kusho uVan Wyk ngemuva komdlalo oyingqophamlando ngeSonto.
“Kumele babheke ukuthenga izinto ezifana nezindlu ngoba impilo ayikho mayelana nesikhathi samanje kodwa imayelana nokuthi yini oyifunayo esikhathini esizayo.”
Uthe nakanjani uzotshala ibhonasi yakhe yize engakacabangi ukuthi uzoyisebenzisa kuluphi uhlobo lokutshala imali.
“Kumele sizame ukuhlakanipha ngaso sonke isikhathi uma kuziwa emalini. Lawa amabhonasi hhayi imiholo. Asikho isidingo sokudla le mali,” esho.
Lo mdlali (35) ubekhona emdlalweni owodwa ngesikhathi bebhekene nomakhelwane i-Botswana kowamanqamu ka-Group C kodwa uthe akaphathekile kabi ngokungasitholi isikhathi sokudlala kulo mqhudelwano.
Lo mdlali wasemuva udlale i-Wafcon yakhe yokugcina njengoba ethi uzoyeka ukudlala ibhola ngemuva kweNdebe yoMhlaba yabeSifazane yango-2023.
“Angizizwa ngincishwe isikhathi nakancane. Kumayelana neqembu, hhayi ngami. Ngizophusha kanzima ukuze ngingene eqenjini leNdebe yoMhlaba. Lowo kuzoba umqhudelwano wokugcina kimina. Ngilethe ubuholi obuningi eqenjini, ugqozi olukhulu, ikakhulukazi ngaphandle kwenkundla,” esho.
“Bengazi ukuthi kufanele ngeseke ozakwethu futhi ngiyaziqhenya ngalokho. Ngibona sengathi ngineqhaza elikhulu engilibambe ekuqeqesheni le ntsha.”
Lo mdlali wasemuva udlale okokuqala kwiBanyana ngo-2005 ngesikhathi bebhekene ne-Nigeria emqhudelwaneni we-African Women’s Championship. Kusukela lapho usedlale imidlalo engu-180 eqenjini lesizwe.
Umthombo wesithombe: @CAFWomen