Belingezwa mshini ngenkohlakalo ikhansela elisocongwe lishumayela

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ubhekene nemibuzo engaphenduleki umndeni wekhansela le-ACDP kuMasipala waseMhlathuze e-Richards Bay ngemuva kokubulawa kwalo ngesihluku ngesikhathi lishumayela ebandleni lalo.

Ikhansela uJohn Myaka (58) obengumfundisi ebandleni i-Ceder Family udutshulwe ngabahlaseli abebezenza amakholwa ngoLwesibili ebusuku.

USifiso Mkhwanazi ongumshana kaMyaka uzwakalise ukuthi uphithanelwe ikhanda ngembangela yokubulawa kukamufi njengoba bekungakaze kube nezinsongo ezibhekiswe kuye.

“Namanje sisazibuza ukuthi ubulaweleni ngoba azikho izinsongo ake azithola esizaziyo njengo mndeni ngisho namaphoyisa ebengakasho lutho kithina olungase lusinike umkhondo wokuthi ubulaweleni,” kusho uMkhwanazi.

Umndeni usashaqekile futhi ulindele noma yiluphi ulwazi oluvela emaphoyiseni olungawukhanyisela ngalesi sigameko.

UMyaka ubesanda kusungula igatsha elisha lebandla eduze kwekhaya lakhe futhi ubebamba umkhuleko njalo ngoLwesibili. I-ACDP okuyiqembu elakhelwe phezu kwesisekele senkolo yobuKrestu laziwa ngokungangeni ezingxabanweni zezombusazwe KwaZulu-Natal.

Isigameko sokubulawa kukaMyaka asithusanga umndeni wakhe kuphela kodwa nozakwabo kumasipala waseMhlathuze.

IMeya uXolani Ngwezi uncome uMyaka njengekhansela eliyisibonelo esihle egqamisa ukuziphatha kwakhe okuhle.

UNgwezi udalule ukuthi uMyaka wamelana nemizamo eminingi yokumgwazela nokumyenga ngokumethembisa isikhundla sobumeya.

“Phezu kokuthi wake wabhekana nenqwaba yemizamo yokumyenga ngokumgwazela nangezithembiso zesikhundla sobumeya, ikhansela uMyaka ubehlezi emile ekuzinikeleni kwakhe ekusebenzeleni umphakathi futhi wamelana nanoma yiluphi uhlobo lwenkohlakalo,” kusho uNgwezi.

Okwamanje amaphoyisa aphenya icala lokubulala kodwa akekho oboshiwe.

Esithombeni esingenhla: Ikhansela le-ACDP uJohn Myaka kumasipala waseMhlathuze

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva