Bekuyisonto elihle kuThemba Zwane!

Umdlali odlala esiswini kwi-Mamelodi Sundowns, uThemba Zwane, ube nezinsuku ezimbalwa ezimangazayo.

NgoLwesine ebusuku uwine imiklomelo emithathu emikhulu.

NgoMgqibelo, uMshishi Oshelelayo – okuyigama lakhe aziwa ngalo yizihlwele – ubebuyele enkundleni ezosiza i-Sundowns ukuba ishaye i-Kaizer Chiefs ngamagoli amathathu eqandeni.

UZwane uqokwe njenge-PSL Footballer of the Season, Absa Premiership Player’s Player of the Season kanye ne-Midfielder of the Season emiklomelweni ye-Premier Soccer League (PSL) yonyaka wezi-2020 ngoLwesine.

Ebese kuba ama-Brazilians, ompetha besizini edlule, abamangaze Amakhosi ngempelasonto yokuqala ye-Premiership.

Bekungukuphuma kwabo kokuqala ngaphansi kwabaqeqeshi abasha futhi ababambisene, okunguRhulani Mokwena kanye noManqoba Mngqithi.

Empeleni bathathu, ngoba uSteve Komphela onesipiliyoni kwezemidlalo ujoyine njengephini lomqeqeshi oqokiwe.

Umnikazi we-Sundowns uPatrice Motsepe akathathi mathuba selokhu kuhambe uPitso Mosimane, ongomunye wabaqeqeshi abaphumelele kakhulu emlandweni waseNingizimu Afrika, ukuqeqesha iqembu laseGibhithe i-Al Ahly.

UMosimane yena ube nesiqalo esihle kulo msebenzi wakhe omusha.

I-Al Ahly idlulele kowamanqamu kwi-Caf Champions League kulandela ukunqoba kwabo ngamagoli amathathu kwelilodwa, ngesikhathi bedlala ne-Wydad Athletic Club yase-Casablanca e-Morocco ngoLwesihlanu.

Isithombe: @officialPSL

Izihloko zakamuva