Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Bekungesiwo umncintiswano, kuphela nje bekumele ukhethe phakathi kokuya esontweni ngeSonto lePhasika noma uye emshadweni weNkosi uThanduyise Mzimela KwaZulu-Natal njengoba kube umgubho womshado odonse izinkumbi zabantu.
Umshado weNkosi ubumuhle kakhulu futhi ubuhanjelwe ngosomabhizinisi abaphezulu, amakhosi, osopolitiki, osaziwayo nabaholi bamabandla.
Izakhamuzi zaseMthunzini, ngaphansi kwesizwe sakwaMzimela zihlanganyele nosaziwayo kule ndawo enkundleni yebhola ngase-Richards Bay.
UMzimela ukuphikile ukuthi uyalele noma ngubani ukuthi adube ukuya ephasikeni.
“Bafike ngobuningi babo ukuzogubha nami ngeSonto, kodwa kumele ngikucacise ukuthi angikaze ngitshele muntu endaweni yangakithi ukuthi angayi ePhasikeni.”
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uphawule ukuthi ubematasa nomsebenzi womphakathi futhi ngemuva kokuchitha isikhathi esiningi elungiselela umshado wakhe ubedinga ikhefu.
Indodana yePhini likaSihlalo weNdlu yobuholi boMdabu KwaZulu-Natal namaKhoi-San, inkosi uMpiyezintombi Mzimela isizuze ifa elikhulu.
Uyise wayenamakhosikazi angu-15 nezingane ezingu-41.
UMzimela uthe uhlela ukuya kwi-honeymoon ngoNhlaba kulo nyaka futhi wenelisekile ngokuba nonkosikazi oyedwa uXolile umaMngoma.
Uphakathi kwesizukulwane esisha samakhosi/abaholi bomdabu abaseka iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini.
Umshado weNkosi uMzimela ubuyilungele inkosi, abebehambele lo mcimbi bebegqoke imvunulo yesiZulu namabheshu ukuzokhangisa ngendikimba yase-Afrika yalo mcimbi.
Zonke izigcawu bezilandela amasiko ase-Afrika, akukho okwenziwe ngosiko nangendlela yaseNtshonalanga noma yobuKristu. Lokhu kuphinde kwakhombisa ukuzibophezela kwakhe esikweni lakhe lendabuko.
Esithombeni esingenhla: INkosi uThanduyise Mzimela enamabutho phakathi kwawo uMntwana uNkinobho weNdlunkulu kaZulu, iNkosi uMthokozisi Mathaba nowayengumsakazi kaMaskandi woKhozi Fm uNgizwe Mchunu emshadweni.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe