Bekukhona namaphoyisa ezigebengwini ebezizama ukubamba eyemali

Everson Luhanga

Sekuvele ukuthi bekukhona namaphoyisa eyingxenye yeqembu lezigelekeqe ezingu-25, ezibanjwe kade zihlela ukubamba imoto ethutha imali eGoli.

UNdunankulu wakulesi sifundazwe uDavid Makhura ukuqinisekisile ngoLwesibili ukuthi amaphoyisa amabili abeseqenjini lezigelekeqe elitholane phezulu namaphoyisa e-Rosettenville, eGoli ngoMsombuluko ntambama.

UMakhura uthe amaphoyisa ase-Gauteng abambe abesilisa abakade behlomile ababalelwa ku-25 abavela KwaZulu-Natali, i-Zimbabwe nase-Botswana ngesikhathi behlela ukubamba imoto yemali e-Rosettenville ngoMsombuluko.

“Amaphoyisa akwazile ukubopha abasolwa abayisishagalombili kanti asephume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abayisishiyagalolunye ababalekile.”

UNdunankulu uwagxeke kakhulu la maphoyisa amabili ngokusebenzisana nezigebengu. “Silindele ukuthi basebenze futhi bavikele imiphakathi kwizigelekeqe,” kusho uNdunankulu.

Lokhu kubandakanyeka kwamaphoyisa ekwenzeni amacala abucayi kwenzeke kungakapheli isonto uphiko loKlebe olubizwa nge-South African Police Services’ Directorate for Priority Crime Investigation (HAWKS) lubophe amaphoyisa amabili ophiko lwe-Crime Intelligence Unit ngezinsolo zokuba igxenye yeqembu lezigelekeqe okusolakala ukuthi liyabandakanyeka ebugebengwini obuhlukahlukene e-Gauteng.

“Abasolwa baboshelwe itulo lokuzama ukubamba imoto yemali behlomile, ukuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu, ukutholakala nemoto eyebiwe kanye nelokuzenza amaphoyisa,” ngokusho kwesitatimende.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) uGrace Langa ukuqinisekisile ukuthi kusolwa ukuthi kunamaphoyisa amabili aphakathi kwezigelekeqe ezibalekile.

Lolu udaba luyaqhubekayo.

Izihloko zakamuva