Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umcimbi waminyaka yonke weNgoma kaZwelonke usuphenduke isibani sethemba, waletha ukuthula futhi uhlanganisa izitha ezinodlame KwaZulu-Natal.
Lo mcimbi owaqalwa nyakenye wenzeke ngoMgqibelo eThekwini kanti abathandi bomculo wesintu abavela ezweni lonke batheleke enkundleni iMoses Mabhida ukuyozithokozisa ekuseni ngeSonto.
Izitha zezepolitiki, amaqembu anodlame aqhamuka emahostela adume kabi, amalungu emboni yamatekisi ayizimbangi nosaziwayo, abanye babo abaziwa ngokuthi bayizitha, bebebonakala behleka ndawonye.
Ababonakale behleka ndawonye ngokhula osomatekisi abadumile baseMnambithi, umholi we-ActionSA e-KZN uZwakele Mncwango, abaholi be-ANC esifundazweni uMnu Sboniso Duma noNomagugu Simelane Mngadi, uSihlalo we-IFP esifundazweni uFananaye Mathe, uMengameli wesizwe samaBhinca uNgizwe Mchunu kanye nozakwabo bakudala boKhozi-fm, uTshatha Ngobe noZimdollar Biyela.
U-DJ woMaskandi weNongoma-FM, uWelcome Ntombela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lo mcimbi uguqula i-KZN ibe isifundazwe esinokuthula futhi ibuyisela intsha ezimpandeni zayo.
“Selokhu lo mcimbi waqalwa uXolani Mncika nyakenye, usuthathe igxathu elikhulu ekuhlanganiseni abantu bezinhlanga ezahlukene futhi ibambe elikhulu iqhaza ekuhlanganiseni izitha kwezombusazwe, amaqembu asemahostela nakwezinye izinhlaka zomphakathi.
UDkt Bayede Mdletshe, osehlale iminyaka eMelika uthe ubeqala ngqa ukuhambela lo mcimbi futhi ufunde lukhulu ikakhulukazi ngokuletha ithemba entsheni.
“Lo mcimbi usikhombisile ukuthi intsha ingakwazi ukuthuthukisa nokwakha imiphakathi yethu ngaphandle kokulwa nokuchitha igazi, ivumela abantu abaphuma emakhaya ahlwempu, izifundiswa, abacebile nabaholi ukuthi bachithe isikhathi ndawonye babe nombono owodwa wothando nokuthula. Ngifunde ngoMgqibelo ngesikhathi ngikwiNgoma kaZwelonke Festival.”
UMdletshe usize amaqembu abaculi i-Big Five Hlabisa ngemali, ezokuthutha nemifaniswano. Nyakenye umcimbi wokuqala weNgoma kaZwelonke ubuhanjelwe iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kwase kuba uNdunankulu wase-KZN uSihle Zikalala, nekhabhinethi yakhe.
Isithombe esingenhla: Iqembu elibizwa ngokuthi Ezase Mdletsheni litheleka emcimbini weNgoma kaZwelonke, enkundleni iMoses Mabhida, ngoMgqibelo.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe