Bekukhala ibhungezi edolobheni laseThohoyandou ngenxa yesiteleka 

Lubhalwe ngu-Elmon Tshikhudo

Njengoba izishoshovu ze-EFF zigcwele eNyuvesi yase-Venda, idolobha lase-Thohoyandou bekulindeleke ukuthi ligcwale izikibha ezibomvu ngenxa yombikisho wokuvala izwe lonke.

Kodwa akwenzekanga njengokufisa kwabo, bekukhala ibhungezi edolobheni abantu bengekho.

Ngosuku olujwayelekile idolobha lijwayele ukuphithizela abantu abathengisayo nalabo abathengayo.

Ngesikhathi kusempondo zankomo bebembalwa abadayisi abakade sebevulile ematafuleni abo futhi bebenethemba lokuthi abantu bazoqhamuka ngokuhamba kosuku, kodwa bekushaya umoya edolobheni.

UMbavhi Magidi onesitolo esidayisa ukudla edolobheni, uthe bekuwusuku olubuhlungu kakhulu eminyakeni yakhe edayisa kuleli dolobha.

“Sincamela ukuzifaka engcupheni yokuza lapha edolobheni njengoba besisatshiswa ngokuthi kuzocekelwa phansi izindawo zethu. Nginezingane ezimbili okumele ngizinakekele uma ngingasebenzi kusho ukuthi ngeke zibe nepuleti lokudla.

“Thina njengabadayisi sikholelwa ukuthi amalungu e-EFF anelungelo lokubhikisha, ikakhulukazi ngezizathu ezinhle njengokucisha kukagesi nsuku zonke okuthinta izwe lonke.”

UMagidi wengeze ngokuthi abadayisi abaningi abazange bazihluphe ngokuza edolobheni ngenxa yokwesaba.

“Abasebenzi abaningi edolobheni batshelwa ukuthi uma bengayanga emsebenzini kuzosho ukuthi abekho futhi ngeke baliholele lolo suku. Ngicabanga ukuthi lo mbhikisho bekungafanele uphoqelelwe kubantu abangahambisani nawo,” kusho uMagidi.

Khonamanjalo, kubonakale iqeqebana lababhikishi abebegqoke imibala ye-EFF e-Thohoyandou kanti amaphoyisa ebaqaphe ngelokhozi.

Amabhizinisi amaningi abevaliwe ekuseni, kodwa amanye avulwa ngokuhamba kosuku.

Isithombe esingenhla: Idolobha lase-Thohoyandou

Umthombo wesithombe: U-Elmon Tshikhudo

Izihloko zakamuva