Bekubhalwe injabulo yodwa ebusweni beqembu leBafana Bafana ngesikhathi ihlula i-Ghana

Menzi Magubane

Ukunqoba okufanelekile kweqembu leBafana Bafana ngenkathi idlala ne-Ghana ngoMsombuluko ebusuku, isivele yakhuphukela phezulu ku-group G okubenza babe kwisigaba sokuqala sokungenela i-FIFA World Cup. 

Igoli elishawe uBongokuhle Hlongwane elishaya ngomzuzu wokugcina lithathe iBafana Bafana yaba namaphoyinti amane, iqembu le-Ghana lashona phansi lihamba namaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emibili.

Iqembu le-Black Stars lizokhululeka ngemuva kokuhlulwa kumdlalo owodwa ngegoli elilodwa. IBafana Bafana iziphuthisele ngamathuba amaningi okukora ngesikhathi idlala enkundleni yase-FNB e-Soweto.

Bebengakwazi ukuwina lo mdlalo ngamagoli amathathu, njengoba u-Evidence Makgopa benoHlongwane begeje amagoli, kodwa ipali livulekile. Esiwombeni sokuqala unompempe uphike igoli elishawe iBafana Bafana wathi lingaphandle, lokho okubukeke njengesinqumo esingaphusile.

I-Ghana ibingakhombisi ukuzimisela ngenkathi idlala nabo futhi bayazi ukuthi bebengeke bawine ngendlela abadlale ngayo.

Ukube bathole amaphuzu angaphansi kwabekiwe bekuzobafakela ingcindezi lokho, njengoba kusazodlala i-Ethiopa ne-Zimbabwe ngoLwesibili. Kodwa sibonga ukukora kukaHlongwane  ngomzuzu wama-84, futhi lokho angeke kuyiphazamise iBafana ngoLwesibili.

Umdlali weqembu le-Maritzburg United uyena obengungqaphambili emdlaweni okokuqala egqoke ijezi leBafana Bafana.

“Ngesikhathi sekhefu umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usitshele ukuthi asehlise amaphaphu phansi ngemuva kokuba sigeje amathuba okushaya amagoli. Uthe iqembu le-Ghana alidlali ngokuzimisela sekulele kuthina ukuthi sifake umfutho amagoli azoziqhamukela” kusho uHlongwane ngesikhathi esebuzwa imibuzo sekuphele umdlalo.

Njengoba kukhona izigaba eziyishumi okumele zilwelwe ukungena kwi-Fifa World Cup, amaqembu ayishumi azoba phezulu azodlulela kwisigaba esilandelayo. Lawo maqembu azoqhudelana wodwa kuze kusale amahlanu azomela isizwe sase-Afrika ngowezi-2022 kwi-World Cup e-Qatar.

IBafana Bafana izoqhudelana ne-Ethiopia emdlalweni wesithathu mhla ziyi-6 kuMfumfu kanti amaphoyinti abanawo azobanika ithemba lokuthi bazowina ukuze badlulele esigabeni esilandelayo sesibili.

Umthombo wesithombe:@bafanabafana

Izihloko zakamuva