Sibonelo Zwane
UThamsanqa Mluma obethanda ubumnandi udansele umndeni wakhe njengenjwayelo ngaphambi kokuphuma ngoMgqibelo ebusuku elibangise ethaveni yakwaMdlalose eNomzamo, e-Soweto.
Izingane zakhe ezimbili kanye nomakhelwane bezimhleka zijabule, kodwa bebengazi ukuthi bamubona okokugcina edansa futhi ebaculela.
UMluma obeneminyaka engu-54 ungomunye walabo abangu-16 abashone esigamekweni sokudubula esithuse izwe lonke.
Utholakale ehlezi esihlalweni ebheke kumabonakude ethaveni yakwaMdlalose sengathi usaphila.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa unina uMiriam Mluma uchaze ukuthi ugcine ukubona indodana yakhe ngoLwesine.
“Nami ngihlala lapha kwaNomzamo kodwa nginomuzi wami futhi yena ubehlala nomkakhe nezingane,” kusho unina.
UGogo uMiriam naye wezwa ukuqhuma kwesibhamu kodwa akazange akunake.
“Yebo sithukile ngokuqhunyiswa kwesibhamu okungapheli kodwa iqiniso ukuthi ukuqhuma kwesibhamu bekungeyona into entsha endaweni yangakithi.
Umakhelwane wami ufike engqongqoza sekuyoshaya ihora leshumi nambili wacela indodakazi yami nomyeni wayo ukuthi bahambe nayo baye ethaveni ngoba kukhona abantu abadutshuliwe.”
Kuthe uma indodakazi nomkhwenyana wayo befika ethaveni bathola uMluma ehlezi ethule engathi usaphila ebheke kumabonakude bakhululeka ngoba bezitshela ukuthi uyaphila.
Kodwa ngesikhathi umakhelwane esondela waqaphela ukuthi ubeseshonile.
Uthe kunevidiyo yendodana yakhe idansa ngalolo suku lwenhlekelele kusasele amahora amaningi ngaphambi kokuthi idutshulwe.
“Bekungathi uyazi ukuthi uMgqibelo usuku lwakhe lokugcina emhlabeni. Ubevunule edansa ejabule. Ngibonga noma ngubani othathe leyovidiyo.”
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi indodana yakhe ibinenkinga yesimo sengqondo nokuphazamiseka, kodwa abantu abaningi bebekuqonda lokho.
“Bengimthanda yize ubephazamisekile engqondweni. Awukho umgqomo wokulahla izingane futhi noma ingane ingaba inkinga kangakanani akekho umzali oyifisela ukufa.”
Uthe ubonga kakhulu ngokuthi uhulumeni ubahlelela usizo ngokungcwaba indodana yakhe.