Bazowukhomba onotshwala abasebenzi abatelekile boweTheku: Dube-Ncube

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuyabashubela abasebenzi bakaMasipala weTheku abatelekile njengoba sebelandelwa ngamavidiyo ukuze baboshwe ngemuva kwezigameko zodlame nokwephula umyalelo wenkantolo obubavimba ukuba baqhubeke nesiteleka.

Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa MaDube Ncube esithangamini esiphuthumayo nabezindaba esibizwe ngenxa yodlame nokucekelwa phansi kwempahla.

UMaDube uthe lesi siteleka siqale ngomhlaka-27 kuNhlolanja kodwa sesidale umonakalo omkhulu. “Kunabasebenzi abebedutshulwa abanye besatshiswa ngoba bengatelekile. Abanye bebesatshiswa emitholampilo kamasipala kanti abanye bebeshaywa baphinde badutshulwa ngesikhathi behambise intuthuko emiphakathini yethu. Kuyimanje amaphoyisa asezithendeni zabo ngoba kulandelwa amavidiyo abavela kuwo begila lemikhuba,” kusho uMaDube. 

Lesi siteleka ngesabasebenzi abakhala ngokuthi sebeyazi ikuthi ozakwabo abakumasipala wase-Ekurhuleni osesigabeni seTheku bahola ukubedlula ekubeni benza umsebenzi ofanayo.

Izikhulu zeTheku zithe selokhu lesi siteleka siqalile akekho oseke waletha umqulu wezikhalo.

Bathi kunalokho balethelwe uhlu lwemiholo yabasebenzi base-Ekurhuleni.

Lesi siteleka kuthiwa sesidale umonakalo omkhulu ekuhanjisweni kwamanzi emalokishini amaningi nokucima kukagesi.

Abanye abasebenzi kuthiwa bebebanjwa beqhumisa amapayipi amanzi benqamula namakhebuli. UMaDube uthe kuyimanje bahlela ukuhlangana nabaholi benyunyana i-South African Municipal Workers Union ukuze kutholakale isixazululo.

Izihloko zakamuva