Bazowudlela ehholo ukhisimusi abakhahlanyezwa izikhukhula 

Lubhalwe nguLungani Zungu noCelani Sikhakhane

Sekudlule izinyanga eziyisishiyagalombili izikhukhula zacekela phansi izingxenye zezindawo KwaZulu-Natal kanye ne-Eastern Cape ngoMbasa, kodwa imindeni eminingi izodla uKhisimusi esigangeni.

Kuleli sonto inqwaba yemindeni yaseNtuzuma kwaF  eThekwini isale dengwane ngesikhathi amatende ebikhosele kuwo kusukela ngoMbasa egugulwa izikhukhula.

Lokhu sekuphoqe imindeni eminingi  ukuba ikhosele ehholo lomphakathi okuyilapho abazodlela khona uKhisimusi.

Abathintekile bakhale ngokuthi indawo abakuyo iminyene kakhulu.

“Njengoba sikhuluma nje asikwazi ukwenza izinto ngasese, kumele sigeze phambi kwabantu besilisa uphinde ushintshele khona kanti nezingane zethu zibhekene nesimo esifanayo,” kusho uThandi Ngcongo ongomunye wabakhosele basehholo.

USibonelo Mkhize uthe amatende abengcono ngoba ubukwazi ukwenza izinto zakho ngasese, kodwa manje akusenjalo ehholo lomphakathi.

“Ngincamela ukuhlala etendeni ngoba   bengikwazi ukwenza izinto zami eceleni.”

Iningi lezakhamizi lisola uhulumeni wesifundazwe ngokuhudula izinyawo ngokuzifaka ezindlini ezifanele.

“Bebelokhu beza lapha bezokwenza izethembiso kithina. Abantu bacishe bafa ngesikhathi izimvula ezinamandla ezihlasele  kuleli sonto zisikhipha ematendeni ethu. Nakanjani lo kuzoba uKhisimusi omubi kithina,” kusho uMkhize.

Esinye isakhamuzi uMnu Sbusiso Dlamini uthe: “Osopolitiki bayafika kuthina bezothatha izithombe nathi benze izethembiso ezinkulu beqhubela phambili izinhloso zabo.”

UDlamini uthe akekho usopolitiki ozobakhipha ezindaweni zokukhosela abayise ezindlini ezifanele.

Uhulumeni we-ANC ugxekwa ngamaqembu aphikisayo ngenxa yosizi lwalabo abakhahlanyezwe izikhukhula.

NgoLwesibili ubuholi be-EFF esifundazweni obuholwa nguNobhala Jikelele wayo uMarshall Dlamini buvakashele izisulu banikela ngamaphasela okudla kukaKhisimusi.

Uphinde wanxusa izisulu ukuthi zithathe umhlaba ongenamuntu.

“Siyaninxusa ukuthi nibheke noma imuphi umhlaba ongenamuntu ningene kuwo ukuze nizokwazi ukwakha izindlu.”

Lokhu kungase kudale ukushayisana phakathi kwabanikazi bomhlaba nezisulu njengoba kwenzeka ezindaweni ezifana ne-Reservoir Hills ngoMfumfu ngesikhathi izisulu zezikhukhula zigasela ebhilidini elingasetshenziswa. 

IMeya yeTheku uMnu Mxolisi Kaunda isanda kuveza ukuthi imali engu-R46 million ibekwe eceleni ukuze izosiza abakhahlanyezwe izikhukhula.

Ezinye izisulu sezingene  ngokungemthetho ebhilidini elingasasetshenziswa lakwa-Transnet e-Montclair.

Isithombe esingenhla: esamatende aseNtuzuma agugulwe izimvula kuleli sonto

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva