Bazovuselela isikole esiwohlokayo ababefunda kuso

Elmon Tshikhudo

ISikole Sezolimo i-Dimani e-Vhembe, e-Limpopo esasikhiqiza imiphumela emihle kakhulu esifundazweni eminyakeni eyedlule, sisesimeni esibi.

Lesi sikole esakhiwa ngowe-1978, esesikhiqize abantu abanobungcweti abaphethe izikhundla ezifana nothishomkhulu wase-University of Johannesburg, uSolwazi Tshilidzi Marwala kanye nowayengumphathi kumasipala wase-Musina, u-Abraham Luruli, siwohlokile ngokwengqalasizinda futhi nezinga lemiphumela selehlile.

Ingqalasizinda yesikole ibukeka yonakele.

Isikole sesonakele kangangoba izindonga seziqhekekile futhi nopende uyaxebuka.

Bethintwa isimo esibi sesikole sabo, abafundi abebebandakanya uSolwazi uTshilidzi Marwala, bahlangane ngempelasonto banquma ukwenza okuthile ukubuyisela isikole sabo ebuhleni baso bangaphambilini.

Ikomidi le-Dimani Alumni Association likhethwe ngesikhathi somhlangano.

Okhulumela i-Alumni Association u-Abraham Luruli uthe: “Sifunde lapha kodwa izinto sezishintshe zaba zimbi kakhulu. Lesi bekungesinye sezikole ezihamba phambili ezazikhiqiza imiphumela emihle kepha manje lokho sekungumlando.

“Ingqalasizinda nayo isiwohlokile, kanti singathanda ukubona isikole sibuyela esimeni futhi sibalwe nezingconywana ezweni,” kusho yena.

Uthe usizo lwabo esikoleni luzoba ngokuhlela imifundaze yabafundi abafanele, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda yesikole kanye nezifundo ezengeziwe zabafundi.

“Kuze kube manje sesisize abafundi abathathu ngemifundaze saphinde sathuthukisa iwebhusayithi yesikole,” kusho yena.

UMarwala, onguthishomkhulu e-University of Johannesburg, uthembise ukuxhasa ngokugcwele lo msebenzi.

Uthishomkhulu wesikole i-Dimani, uMnuz Calvin Tshivhase, usincomile lesi sinyathelo wathi kade bakufisa lokhu.

“Sinezingqinamba eziningi esikoleni futhi siyathemba ukuthi ukungenelela kwabo kuzosisiza kakhulu ekusibuyiseni njengesikole samabanga aphezulu sezolimo,” kusho yena.

Izihloko zakamuva