Dylan Bettencourt
Ezemidlalo zimnandi ikakhulukazi uma kukhona abalandeli. Bonke abasubathi bayavumelana nalokhu ukuthi ayikho into emnandi njengokuzwa imivunge yabalandeli enkundleni.
Abalandeli bazovumeleka ukungena okokuqala enkundleni yase-FNB ukuzobukela umdlalo weBafana Bafana ne-Ethiopia, ngemuva kwezinyanga eziyi-19 bengavumelekile.
Ngemuva kokudlala imidlalo emibili ku-group G wokungenela indebe yomhlaba yangonyaka wezi-2022, iNingizimu Afrika isesicongweni kwilogi ngamaphuzu amane.
Kubukeka ngathi iBafana Bafana izokwazi ukungena kwindebe yomhlaba okokuqala selokhu yagcine eminyakeni eyi-19.
Imidlalo emibili abazobe bebhekene nayo neqembu lase-Ethiopia kumele bayiwine ukuze bazoya e-Qatar ngonyaka wezi-2022.
INingizimu Afrika isike yadlala ne-Ethiopia amahlandla amathathu futhi kulindeleke ukuthi bayihlule.
Kuyishwa ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Bross kanye neqembu lakhe ubheke ukulungisa njengoba amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili azokwenza iqembu leBafana Bafana libe yintandokazi futhi likwazi ukufinyelela kwindebe yangonyaka ozayo.
Kulempelasonto kuzoba uhambo lokuqala lweBafana bafana olubheke e-Ethiopa, ngehora lesithathu ntambama ngoMgqibeli njengoba iBafana Bafana izobe idlala ne-Ethiopia, bese olwesibili uhambo i-Ethiopia izoza eNingizimu Afrika lapho izodlala khona neqembu lesizwe enkundleni yase-FNB okulindeleke ukuthi ivumele abalandeli abayi-2000.
Umdlalo wesibili ulindeleke ukuthi udlale ngoLwesibili mhla ziyi-12 kuMfumfu ngehora lesithupha.
Le midlalo emibili izobonakala bukhoma kwi- DSTv channel 202
- I-Formula One Grand Prix: kusele imijaho emibili njengoba kunamaphoyinti amabili ahlukanisa uLewis Hamilton kanye noMax Verstappen okumele bazilungiselele uma ngabe befuna ukuthola isicoco esiphezulu somshayeli ohamba phambili we-Formula One yesizini yangonyaka wezi-2021, kanye ne-Turkish Grand Prix.
Laba bobabili basaphuma phambili kwisizini yonke njengoba kusele izinyanga ezimbili, kanti abalandeli bawubuka njalo umjaho ukuze babone ukuthi ubani ongumpetha kunomunye baphinde babheke umdlalo olandelayo.
Abashayeli bobabili babhekene nenkinga, njengoba uVerstappen ehlose ukuwina i-Formula One Championship yokuqala ukuqeda ukubusa kwe-Mercedes. Kodwa-ke ngakolunye uhlangathi uLewis yena ufisa ukuba umshayeli ohamba phambili ngokuba nezicoco ezihlukene. Okwamanje unezicoco eziyisikhombisa, ulingana noMichael Schumacher odumile.
Umjaho we-Turkish Grand Prix ulindeleke ukuthi uqale ngehora lesibili ngeSonto njengoba umjaho wokubanga isicoco useqopheleni eliphezulu. Abalandeli bangakwazi ukubuka umjaho bukhona kwi-DSTv channel 215.
Umdlalo wamanqamu wesibili we-UEFA Nations League kulindeleke ukuba uqale ngeSonto njengoba kuzobhekana i-Spain kanye ne-France beqhudelana ngenhloso yokuthi kumele kubonakale umpetha kulo mcintiswano osanda kusungulwa.
Iqembu le-Spain elizimiselayo lihlule ompetha be-Euro 2020 champions i-Italy ngoLwesithathu ebusuku, baqeda imidlalo yabo bengakaze bashawe emidlalweni engama-37 kanti kumangaze kakhulu okwenziwe iqembu lase-Spain eliphethe abadlali abasebancane.
Iqembu le-France lifake igoli ngomzuzu wokugcine lahlula ompetha i-Belgium ukuze bakwazi ukungenela kowamanqamu ngendlela emangalisayo.
Umdlalo wamanqamu ulindeleke ukuthi udlale ngeSonto mhla zi-10 kuMfumfu ngehora le-8.45pm. Umdlalo uzovezwa bukhoma ku-DSTV channel 203.
Umthombo wesithombe : @TheSouthAfrican