Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ukhala ngokubukelwa phansi kwesikole sakhe uthishomkhulu waseBambazi High School e-Bergville okubanjelwe abafundi bakhona abangu-113 imiphumela kamatikuletsheni ngoba kusolwa ukuthi bakopelile ngenxa yokuphasa ngamalengiso.
Kusuka ngoLwesihlanu kuvele kwabamuncu emphakathini wasesigodini saseMawuse/Emmaus ngesikhathi kuphuma imiphumela yabafundi abathathu kuphela ekubeni ibiveza ukuthi isikole siphase ngamaphesenti angu-100 ekubeni kubhale abangu-116 sebebonke.
NgoMsombuluko abazali bebewotha ubomvu befuna ukwazi ukuthi kwenzakaleni ngemiphumela yezinye izingane zabo ezingu-113 ngesikhathi kunomhlangano obubizwe uthishomkhulu uMnuz Thandiwe Makhoba obezochaza ngalesi simo esibehlele.
“Inkinga esiyibonayo ukubukelwa phansi kwethu ngoba nakhu siyisikole esisendaweni esemakhaya nesinenhlupheko. Ngakho ukuphasa kwezingane zethu kahle zonke kukhona okubethusile ngoba bebengalindele ukuthi izingane ezisendaweni enenhlupheko njengaleno kukhona okuhle okungaphuma kuzo. Yikho ke imiphumela ibanjiwe,” kusho uMakhoba.
Uqhube wathi okwamanje nakuba imiphumela ibanjiwe kodwa abafundi bayakwazi ukuyibona kwi-portal ukuthi benzene kanjani ezifundweni zabo.
Uthe osekumphatha kabi ukuthi sekungenelele nosopolitiki abazofuna ukubukwa ngosizi lwabafundi nabazali kulolu daba.
Uthe ngomhlaka-25 kuMasingana kulo leli sonto kuzobizwa abafundi esigcawini soMnyango wezeMfundo sokuzolalela lolu daba.
Uthe okunye akakwazi ukukuchaza kodwa sekungaba uMnyango ongakhuluma.
UMakhoba uthe isikole sakhe sinebhadi ngoba bebebhekene nenkinga yokugqekezelwa behlukumezeka kodwa manje sekuyilezi zinsolo eziholele ekutheni kubanjwe imiphumela yabafundi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthe imiphumela ibanjwe ngoba kusolakala ukuthi kukhona okushaya amanzi ngemiphumela yabafundi baseBambazi.
Isikhulu sohlaka olubhekele imiphumela kamatikuletsheli Umalusi, okunguMnuz Mafu Rakometsi uthe KwaZulu-Natal bangu-763 abafundi ababanjwe bekopela bese kuthi eMpumalanga bangu-164 kanti e-Gauteng bangu-45.