Bazothathelwa izinyathelo abafundi abamnyama namakhaladi ababonakale belwa esikoleni

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kusabalale ividiyo ekhombisa amantombazane amnyama namakhaladi egqoke umfaniswano wesikole elwa wodwa e-Lakehaven Secondary School, eThekwini.

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthi abafundi bazojeziswa futhi ngeke bavumele udlame ezikoleni.

Udinwe ugane unwabu uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ngemuva kokubanjwa kwequlu lamantombazane esikole elwa wodwa.

Impi yenzeke e-Lakehaven Secondary School esifundeni saseMlazi. Lawa bekungamantombazane amnyama namakhaladi, abonakale egqoke umfaniswano wesikole ngesikhathi eshayana.

Le mpi iqoshwe yabe isisakazwa ezinkundleni zokuxhumana. Abantu abaningi baphatheke kabi ngoba impi ibonakala imayelana nobuhlanga.

UMnyango wezeMfundo uthe lolu hlobo lodlame alulungile futhi akumele lwenzeke ezikoleni.

“Izikole kumele kube yizindawo eziphephile izingane zikwazi ukufunda nothisha bakwazi ukusebenza,” kusho uNgqongqoshe uHlomuka.

Uthe uMnyango uyaphenya ngale mpi. Amantombazane abethinteka azojeziswa.

Uphinde wathi ukulimaza abanye abafundi nokwenza izikole zingaphephi kuyicala elibi.

Umnyango uthe uyabadabukela abafundi abalimala kule mpi. Bathe banethemba lokuthi amantombazane azolulama maduze futhi athole ukwesekwa.

Esithombeni esingenhla: Isithombe esithathwe kwividiyo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva