Arthur Greene
Izwe lase-Eastern Europe i-Latvia selimemezele ukuthi lizoqeqesha abesilisa ebusosheni njengoba likhula uvalo lokuhlaselwa yi-Russia.
UNgqongqoshe Wezokuvikela u-Artis Pabriks umemezele ngoLwesibili ukuthi bonke abesilisa abaneminyaka ephakathi kuka-18 kuya ku-27 kuzofanele baqeqeshwe izinyanga ezingu-11 emzamweni wokunqanda udlame lwase-Russia.
UPabriks esitatimendeni uthe lesi sinyathelo sizokwenza i-Russia icabange kabili ngaphambi kokuthi iqale ukuhlasela kanti lokhu kumele bakuthathe njengesexwayiso.
“Izimpi okwamanje e-Latvia zisamile, kodwa asinaso isizathu sokucabanga ukuthi i-Russia izoshintsha indlela eziphatha ngayo,” kusho uPabriks etshela izintatheli.
Selokhu uMengameli wase-Russia uVladimir Putin eqale ukuhlasela i-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja amanye amazwe angomakhelwane e-Mpumalanga ne-Europe azwakalise ukwesaba ukuthi angase abe izisulu ze-Russia.
Ekuqaleni kokuhlasela uMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky waxwayisa wathi: “Uma sesiqedile uNkulunkulu asize lamazwe azolandela i-Latvia, i-Lithuania ne-Estonia.”
Kusukela ekuhlaselweni kwe-Ukraine uPutin akazange aveze obala isifiso sokuhlasela la mazwe, kodwa abaholi base-Latvia bayazibuza ukuthi kungani bezophathwa ngendlela ehlukile ne-Ukraine.
I-Latvia ayikaze ibuthelwe empini eyimpoqo kusukela ngonyaka ka-2007 eminyakeni embalwa ngemva kokuba ijoyine i-Nato (i-North Atlantic Treaty Organization).
Isizwe esincane njengamanje sinamasosha cishe angu-7,000, ngokusho kwe-Politico. Kodwa-ke uPabriks ufuna izakhamuzi ezingu-30,000 kuya ku-40,000 ziqeqeshelwe impi.
UPabriks uphinde wamemezela izinhlelo zokwakha isizinda sezempi esisha eduze nedolobha elisempumalanga ne-Jēkabpils eliseduze nomngcele wase-Russia kunase-Ādaži.