Dylan Bettencourt
Abasinde esigamekweni esibi kakhulu sokunukubezwa ngokocansi esake saba khona kwezemidlalo, bafinyelele esivumelwaneni ne-USA Gymnastics kanye ne-US Olympics and Paralympic Committee ukuba bazonxephezelwa ngezigidigidi eziyisithupha zamarandi.
Lesi sinqumo, okufinyelelwe kuso ngesikhathi kuqulwa icala enkantolo ebhekelela izikweletu zamabhange ngoLwesibili, size ngemuva kwengxabano yeminyaka emihlanu.
Laba basubathi kubikwa ukuthi banukubezwe iminyaka eminingi behlukunyezwa udokotela weqembu laseMelika, uLarry Nassar.
“Lesi sixazululo siwumphumela wesibindi sabasubathi abangamakhulu kulabo abadlwengulwa abaphumele obala, ngaphezu kwezithiyo zomthetho, izingqinamba ezinde kanye nabammeli abaseqopheleni eliphezulu abasemthethweni abangathengwa ngemali eshisiwe yenkampani,” kusho ummeli wabamangali uJohn Manly.
Isixazululo sihlose ukumboza umonakalo odalwe uNassar kubantu abayikhulu abahlukumezile, okubandakanya abasubathi abasezingeni eliphezulu abafana noSimone Biles, u-Aly Raisman kanye noMcKayla Maroney.
Laba besifazane abathathu bathula ubufakazi ngokumelene noNassar ngesikhathi sokuqulwa kwecala ngasekuqaleni konyaka lapho bonke bagxeka izikhulu ze-USA Gymnastics kanye nabeze-olimpiki ngokwehluleka ukuvimba udokotela weqembu ekunukubezeni ngokocansi.
Amaphoyisa abizwa ngokuthi i-Federal Bureau of Investigation (i-FBI) abizwa ukuthi azophenya ngalezi zigameko, kodwa la maphoyisa alushaya indiva uphenyo futhi ahoxiswa kuleli cala.
URachael Denhollander, owesifazane wokuqala ukusola uNassar esidlangalaleni uthe ukhululekile ukuthi leli cala selifinyelele esiphethweni, kodwa ukuxazululwa kwecala ngeke kupholise izibazi ezisele kwabesifazane abaningi.
“Ubulungiswa benziwe ngendlela obekufanele benziwe ngayo, futhi kuhle ukuthi sikujabulele lokho. Kodwa khumbula ukuthi ngakusasa wonke umuntu uvuka ephila nemiphumela yezinto azenzile. Ungakukhohlwa lokho,” kubhala uRachael ku-Twitter.
UNassar wagwetshwa iminyaka engama-60 ebhadla ejele ngonyaka wezi-2017, kodwa ngonyaka olandelayo wagwetshwa iminyaka efinyelela kweyi-175 kuya kweyi-125 ngokuhlukumeza abesifazane ayebanakekela kanye nokuba nezinto zokuhlukumeza izingane ngokocansi.
Umthombo wesithombe: @BuzzFeed