Bazongcwatshwa ngoLwesine abafundi abashone engozini enyantisayo eCarletonville

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abafundi abangu-11 abashone engozini enyantisayo eyenzeke e-Carletonville bazongcwatshwa ngoLwesine. 

Inkonzo yomngcwabo ehlanganyelwe izobanjelwa e-Fochville Secondary School e-West Rand.  

Abafundi abashonile nguJunior Mankofu (8), uThato Hlalele (8), uThandeka Mtyilibe (9), uKhothatso Sesing (9), uTshiamo Makinta (9), uHloho Hlalele (10), u-Olesego Khesa (12), uKatlego Morebudi (12), uSihle Hlalele (12), uReneilwe Hlalele (7), noReabetswe Rabodiba (7).  

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Gauteng, uSteve Mabona, ukuqinisekisile ukuthi uNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi kanye noMatome Chiloane, uNgqongqoshe wezeMfundo, ezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko e-Gauteng, bazowuhambela lo mngcwabo. 

Abafundi kanye nomshayeli wabo bashona ngomhlaka-10 kuNtulikazi ngesikhathi ikhumbi ababehamba ngayo ishayiswa ngemuva iveni eyayihamba ngesivinini esiphezulu, ikhumbi yagingqika yavutha amalangabi. 

Abafundi abayisikhombisa baphuthunyiswa esibhedlela belimele kanzima. 

Labo abashonile basha ngendlela yokuthi babengasabonakali baze bahlonzwa ngolibofuzo. 

Izingane bezithuthelwa ezikoleni zamabanga aphansi i-Blyvooruitsig ne-Rocklands e-Blyvooruitzicht. 

Umshayeli weveni uGert van Emmenis udedelwe ngebheyili ka-R20 000 kanti ubhekene necala lokubulala ngokungenhloso. 

Uzobuyela eNkantolo yeMantshi yase-Fochville ngomhlaka-15 kuMfumfu. 

Esithombeni ngenhla: Abanye babafundi abashone engozini enyantisayo. 

Umthombo:  Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva