Bazomela elakuleli abadlali abathathu begalofu abakhubazekile 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abadlali begalofu abathathu base-Matshediso Special Needs Schools eTsakani, Ekurhuleni bazolibangisa e-Berlin e-Germany ukuyoqhudelana emdlalweni wama-Special Olympics World Games.

UThatogatsi Mokgotla (19), uBanele Makhubo (17) noNhlanhla Mokhabane (18) bangabafundi abathathu kwabayisikhombisa abazobe bemele izwe emdlalweni wegalofu.

Le midlalo ezodlalwa kusukela ngomhlaka-17 kuya kumhlaka-25 kuNhlangulana kanti ingeyemidlalo  emikhuluemhlabeni wonke lapho kuqhudelana khona abasubathi abaningi abakhubazekile ngokomqondo emidlalweni engu-26.

Kuzobe kungokokuqala laba bobathathu beya phesheya futhi beqhudelana emdlalweni yamazwe ngamazwe.

UThishomkhulu uThapelo Tshetlo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uyaziqhenya kakhulu ngabafundi bakhe ngokufinyelela kude kangaka kulo mncintiswano.

“Leli yithuba lokuthi abafundi bami bazibonakalise emdlalweni wamazwe ngamazwe.”

“Lokhu kuyinkomba yokuthi nabo banethuba elilinganayo. Lokhu kuzophinde kukhuphule isimilo sabo.”

Uthe eminyakeni edlule abafundi bangenele imidlalo eyahlukene yamazwe ngamazwe babuye nezindondo.

“Siyethemba ukuthi bazosenza siziqhenye ngokubuya nezindodo futhi.”

UTshetlo uthe bakholwa ukuthi noma kungathiwa bakhubazekile, kodwa likhona ikhono kubona. 

“Sigxila emakhonweni abo ngokubaqinisa,” kusho uThishomkhulu.

UThatogatsi uthe waqala ukudlala igalofu ngo-2017 njengengxenye yemisebenzi yakhe yangaphandle kwesikole.

“Leli yithuba lethu lokukhombisa umphakathi nomhlaba ukuthi sihlukile, sizophumelela futhi sinekusasa eliqhakazile njengabanye.”

UThatogatsi unephupho lokuba umdlali wegalofu okhokhelwayo uma eseqede umatikuletsheni.

Uthe lo mqhudelwano uzomsiza ukuthi afunde amakhono amasha alo mdlalo kwabanye abadlali futhi akhe ukuxhumana namanye amazwe azobhekana nawo ngokuzayo.

Isithombe esingenhla: Iqembu legalofu lakuleli

Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo

Izihloko zakamuva