Lubhalwe nguLungani Zungu
USotshwebhu we-ANC uPemmy Majodina uthi iqembu liyazi ukuthi amanye amalungu ePhalamende “ayizikhohlakali” ahlela ukuvota ukuze kuphasiswe umbiko wodaba lwe-Phala Phala namhlanje.
Ukhiphe isexwayiso esishubile kumalungu ePhalamende e-ANC azovotela ukuthi lo mbiko wamukelwe – okungase kuhlahle indlela yokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa abekwe icala.
“Sizoqhulula isitswebhu kumalungu ethu ePhalamende azovota namaqembu aphikisayo ngolwe-Phala Phala. Umhlangano wethu weKomiti eliPhezulu likaZwelonke ngesonto eledlule usiholele ekutheni senze isinqumo sokuthi sivotele ukuchitha lo mbiko. Umyalezo wethu kumaLungu ePhalamende akhohlakele uthi noma ngubani ozophambuka kulokhu uzobhekana nenkinga,” etshela i-Scrolla.Africa.
Kumalungu angu-400 ePhalamende likazwelonke, i-ANC imelwe angu-230. Amalungu ePhalamende azovota namhlanje ukuthi ayawamukela yini noma ayawenqaba umbiko wethimba elimele umthetho wesigaba-89.
Isigungu esiholwa ijaji eselathatha umhlalaphansi uSandile Ngcobo, sithole ukuthi uRamaphosa angase abe necala azoliphendula mayelana nezinsolo zokuthi kwafihlwa isigameko sokugqekezwa epulazini lakhe elise-Limpopo i-Phala Phala lapho okwantshontshwa khona okungenani imali engu-$580,000 (u-R10.2 million).
UMajodina akazange adalule amagama amalungu ePhalamende okuthiwa ahlela ukudelela iqembu.
Kodwa-ke, i-Scrolla.Africa siyaqonda ngemithombo engaphakathi kwi-ANC ukuthi izitha zikaRamaphosa okungamaLungu ePhalamende – okuhlanganisa nowayenguNdunankulu wase-North West, uSupra Mahumapelo – kusolakala ukuthi anxenxa amanye amalungu e-ANC ePhalamende ukuthi avotele ukuthi kwamukelwe lo mbiko.
Ebuzwa ngale zinsolo uMahumapelo uvele wahleka wavala ucingo.
Ungumuntu owaziwa njengosekela owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, owashiyela uRamaphosa isihlalokanye noyimbangi yakhe enkulu nobelokhu esezithendeni zikaRamaphosa selokhu aphuma esikhundleni ngo-2018.
URamaphosa ubelokhu egxekwa izinhlaka eziningi kusukela kuphume umbiko we-Phala Phala emasontweni amabili edlule.
Lo mbiko uza ngaphambi kwengqungquthela ebalulekile yokukhetha ubuholi be-ANC kuleli sonto kusukela ngoLwesihlanu kuya kuMsombuluko e-Nasrec, eGoli, lapho uRamaphosa azobe elwela ukuthi abuyele esikhundleni njengoMengameli weqembu ihlandla lesibili.
Ubanga lesi sikhundla nowayenguNgqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize.
URamaphosa uwuthathile lo mbiko ukuze ubuyekezwe, kanti udaba lusazoqulwa eNkantolo yoMthethosisekelo.
Esithombeni esingenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa
Umthombo wesithombe: @Presidency