Lubhalwe nguThathe Msimango
Kancane kancane imithandazo yabasubathi baseNingizimu Afrika abagijima emgwaqeni iyaphendulwa.
Ngesonto eledlule, abagqugquzeli bomjaho we-Durban International Marathon babambe isithangami sabezindaba lapho bethule khona isimo sokulungela umjaho wesithathu waminyaka yonke ka-42km ozungeze iTheku njengoba beqala ukubala izinsuku ezingu-30 ngaphambi komjaho.
Lo mjaho uhlelelwe umhlaka-12 kuNdasa kanti uzoqala ngaphandle kwase-Siphingo Toyota uphelele ngaphandle kwenkundla iMoses Mabhida.
Lo mcimbi ukhombisa izindawo eziyingqophamlando edolobheni kusukela ezindaweni zezimboni kuya eThekwini, Ushaka Marine World, Beach Promenade nase-Virginia Airport.
Iribhini nomnsalo uza nemali yomklomelo kanye nezikhuthazo ezinhle uma abasubathi bekwazile ukugijima izikhathi ezithile.
Kuke kwakhalazwa ngokuthi ezokusubatha kuleli akuwona umsebenzi okhokhela kahle njengoba imijaho ingakhiphi izizumbulu zemali.
I-Durban International isifake u-R50 000 emikhakheni yomibili yabesilisa nabesifazane.
Njengoba lo mjaho ubambisene nompetha be-Athletics South Africa (ASA) marathon, le nhlangano yengeze u-R25 000 umuntu ngamunye kumuntu ozophuma phambili ukushaya intambo esigabeni sabesilisa nabesifazane.
I-ASA yengeze u-R100 000 ngamunye kubasubathi besilisa noma besifazane bakuleli ukuze baphule irekhodi kazwelonke lokugijima.
Irekhodi lakuleli labesilisa selime iminyaka engu-23 kusukela ngesikhathi uGert Thys egijima isikhathi esingu-2:06:33 enqoba i-Tokyo Marathon ngo-1999 e-Japan.
Khonamanjalo, uGerda Steyn ungumnikazi werekhodi labesifazane ngesikhathi esingu-2:25:28.
Ngaphandle kwalokho, abagqugquzeli bamemezele ukuthi babeke eceleni u-$10,000 (cishe u-R170,000) ukuze owesilisa nowesifazane abazophuma phambili bakwazi ukugijima isikhathi esijwayelekile sokuhlungela i-Olympics Marathon ka-2024.
Imbalwa imijaho yakuleli enikeza usuku lokuhola olukhulu kunalolu futhi kusezandleni zabasubathi ukulwela le mali.
Imali ehlomulwa ngophumelele ku-Comrades Marathon ingu-R320 000, kanti i-Two Oceans, i-Cape Town Marathon ne-Soweto Marathon zikhipha imali engu-R250 000 kozodla umhlanganiso bese iPrince Mangosuthu ka-52km yona ikhipha u-R100 000 kompetha.
Ezweni elinemijaho engaphezu kuka-300 ngonyaka futhi neningi labasubathi lithembele emalini yemiklomelo ukuze liphile, kuyishwa ukuthi imali encane kangaka etholakalayo. Asethembe ukuthi baningi abadidiyeli bomjaho abazolandela isenzo se-Durban International banikeze abawinile imiklomelo.
Isithombe esingenhla: I-Durban International Marathon
Umthombo wesithombe: Webtickets