Dylan Bettencourt
Abantu baseNingizimu Afrika bathole isixwayiso esivela kwinhlangano ebala abantu i-Statistics SA sokuthi babambe iqhaza ku-Census 2022 ngale kwalokho bazohlangana nemamba iphuza umhluzi.
UNthambeleni Mukwevho oyinhloko ye-Stats SA e-Limpopo esithangamini sabezindaba uthe: “Singavula icala lokwephula umthetho futhi abenzi bobubi bangagwetshwa izinyanga eziyisithupha ejele noma bakhokhe inhlawulo engu-R10 000”.
“Leyo kungaba yindlela yokugcina ngoba angeke simoshe isikhathi ngokuvula icala, kodwa amaphoyisa angaya ezindlini zezakhamizi ukuze azibophe uma kumele kwenzeke kanjalo”.
Ukubalwa kwabantu, okwenziwa njalo ngemuva kweminyaka engu-10, kuzoqala ngomhlaka-3 kwephezulu kuya kumhlaka-28 kuyona lenyanga. Kuzobiza imali elinganiselwa ku-R20 billion.
Ukubalwa kwabantu kuqoqa i-data kuwo wonke umuntu, kuyo yonke imizi kubalwa izingane, abantu abangenamakhaya nezakhamuzi zakwamanye amazwe ezingaphakathi ezweni.
Ukubalwa kwabantu kulonyaka kuzokwenziwa kakhulu ngohlelo lwezobuchwepheshe kodwa kuzoba nabasebenzi basezindaweni abasazosiza amakhaya angenayo angenalo uhlelo lolu hlelo.
UMukwevho unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babhalise besebenzisa uhlelo lwezobuchwepheshe.
Izisebenzi zokubalwa kwabantu zizosebenzisa imishini yedijithali ukuze zithwebule ulwazi oludingekayo futhi zilucubungule ngezinga elisebenza kahle kakhulu, njengoba iphrojekthi ifuna ukuchaza inani labantu abukelelizwe nezimo zabo zokuphila.
UMukwevho uthe ngo-2012 kwadingeka ukuthi babophe omunye umuntu ngoba wanqaba ukuphendula imibuzo eyebuzwayona kubalwa kwabantu.
“Ngesikhathi efika esiteshini samaphoyisa ebona ukuthi kumshubele wabe esesebenzisana namaphoyisa,” kusho uMukwevho.
UMukwevho uthe ukubalwa kwabantu kubalulekile kuhulumeni ukuze anqume ukusatshalaliswa kwezinsiza ezweni lonke.
Izinyathelo zokuphepha zabasebenzi abazosiza kulolu hlelo zichaza ukuthi bazosebenza kuphela ezindaweni abahlala kuzo nakulezo abaziwa kuzo ngabahlali.
“Siphinde sakha ubudlelwano nabakwa-SAPS, futhi bazosazisa nganoma yiziphi izindawo ezinenkinga,” kusho uMukwevho.
Umthombo wesithombe: @IOL