Bazohlangana nemindeni yabo abafundi abebevaleleke e-Ukraine

Celani Sikhakhane

Kulindeleke ukuthi imindeni yaseNingizimu Afrika ihlangane nezihlobo zayo ebezilokhu zivaleleke e-Ukraine selokhu i-Russia iqale ukuhlasela ngomhlaka-24 kuNhlolanja.

Njengoba abafundi abayishumi bezobuyela ekhaya, kunemibiko yokuthi bangu-40 abafundi abasasele ezweni elikhungethwe yimpi.

Abafundi bathi ihhovisi leNxusa laseNingizimu Afrika alibasizanga futhi basaseziteshini zezitimela ezingaphansi komhlaba nabanye abantu abazama ukubaleka.

NgoMsombuluko isakhamuzi saseNingizimu Afrika esikwazile ukubaleka e-Ukraine safika eNingizimu Afrika siveze ukuthi alukho ngempela usizo abalutholayo.

UKoane Molefe utshele izintatheli e-OR Tambo ukuthi usizwe nguhulumeni wase-Pakistan e-Ukraine ukuwelela emazweni amaningi okuhlanganisa kuwo i-Poland neJalimane ukuze abuyele ekhaya.

“Ukukhuluma iqiniso, ngizenzele mathupha imizamo. Ngizixhumanise ngezinhlangano ezahlukene. Ngifuna ukushayela uhulumeni wase-Pakistan ihlombe ngoba ngihlangane nesakhamuzi sase-Pakistan esingisizile ukuthi ngihambe futhi ngixhumane nazo zonke lezi zithunywa,” kusho uMolefe etshela i-Newzroom Afrika.

Iseluleko esinikezwe izintatheli ngoLwesithathu ebusuku i-Dirco sithe indiza ethwele abafundi izofika esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ngabo-11 ekuseni ngoLwesine. Alukho usizo lwemali oluvela ehhovisi lenxusa laseNingizimu Afrika.

Abanye abafundi baseNingizimu Afrika batshele abezindaba abehlukene ukuthi badinga okungenani imali engu-R30 000 yezindleko zezindiza ukuze babaleke e-Ukraine.

Bathe lesi simo simanzonzo kwazise akekho ozimisele ngokukhipha imali enjalo njengoba bebefunda ngaphandle kwezinkinga.

Scrolla World Cup Quiz