Bazoguga amaphakethe abazohambela umcimbi we-ANC

Lubhalwe nguLungani Zungu

Wake waphupha udla isidlo sasebusuku nabantu ababalulekile kuleli?

Lelo phupho lingase lifezeke kodwa, lifika ngentengo ephezulu.

Isidlo sasebusuku sikaMengameli sizoba ngomhlaka-15 kuZibandlela okuwusuku olwandulela ingqungquthela ye-ANC.

Izindleko zokuhlala eduze kukaMengameli Cyril Ramaphosa zizobiza phakathi kuka-R95,000 no-R200,000.

Lesi akusona isigameko esingajwayelekile ku-ANC eshodelwa yimali njengoba leli qembu selisebenzise izibiliboco ukuze lisimamise usizi lwayo lwezimali.

Isidlo sasebusuku sihlelwa i-ANC’s Progressive Business Forum (PBF) kanti ukubhukha sekuvuliwe kusizindalwazi sesithangami.

Kubukeka sengathi amanani awashintshile uma kuqhathaniswa nalawa enziwa emcimbini waleli qembu ngoZibandlela nyakenye e-Limpopo ngaphambi komgubho weqembu mhla ziyisishiyagalombili kuMasingana. 

Iphakheji yegolide izoba ngu-R95,000 umuntu ngamunye, u-R165,000 owe-platinum kanti u-R200,000 owephakheji eseqopheleni eliphezulu i-titanium.

Iqembu labantu abayisithupha abafuna izihlalo eziyisithupha etafuleni elikhulu lokuqala, izindleko zizoba ngu-R1.2 million etafuleni, okungu-R200 000 umuntu ngamunye.

Lesi sikhwama sihambisana netafula lenkampani engaqoka kulo izihambeli eziyisikhombisa, kanti abamele inkampani abahlanu bangabamba iqhaza kuzo zonke izidlo zasekuseni zebhizinisi phakathi nenkomfa bathole  nesitendi sombukiso esingu-3mx3m esiphelele setafula nezihlalo ezimbili kanye nendawo yokuxhuma ugesi.

Iphakheji ye-platinam ebiza u-R990,000 itafula ngalinye lihlanganisa izihlalo eziyisithupha etafuleni elikhulu lesibili, kanti leli tafula inkampani ingaqoka kulo izihambeli eziyisikhombisa, abane abazomela inkampani kuzo zonke izidlo zasekuseni zebhizinisi phakathi nenkomfa kanye nesitendi sombukiso esingu-3mx3m.

Iphakheji yegolide ebiza u-R760 000 kubantu abathathu ihlanganisa imihlomulo enjengokuhlala etafuleni okuzobe kuhleli kulo uSihlalo we-ANC uGwede Mantashe, uMgcinimafa-jikelele uPaul Mashatile noma uSihlalo we-ANC e-Gauteng uPanyaza Lesufi.

Lokhu kuza nendawo yombukiso engu-3mx3m enetafula elinezihlalo ezimbili nendawo yokuxhuma ugesi ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela.

I-ANC izokhetha abaholi abasha ngoZibandlela e-Nasrec, eGoli.

Osesithombeni esingenhla nguMengameli Cyril Ramaphosa

Umthombo wesithombe: @PresidencyZA

Izihloko zakamuva