Bazocishelwa ugesi abakweleta umasipala

Celani Sikhakhane

Njengoba uMasipala wase-Tshwane ucisha ugesi kulabo ababakweleta izigidi, idolobha laseGoli lizimisele ngokuthola isixazululo.

IMeya yaseGoli uMpho Phalatse uthe izibhedlela neziteshi zamaphoyisa e-Gauteng zikweleta idolobha imali engaphezu kuka-R200 million kagesi.

Ukhulume noNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura ukuze amcele ukuthi angenelele ekuqoqeni izikweletu zezibhedlela esifundazweni.

Iziteshi zamaphoyisa nezibhedlela zizonikezwa isikhathi somusa sokuhlela kabusha ukukhokha izikweletu zazo ngaphambi kokuba zibhekane nokunqanyulelwa kukagesi. 

NgoLwesibili uMabine Seabe ovela ehhovisi leMeya yedolobha eGoli, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi babonile ukuthi uma becisha amalambu eziteshini zamaphoyisa, emitholampilo, ezibhedlela kanye nezinye izinsiza zomphakathi kungaba inhlekelela enkulu emphakathini.

“Sikhuluma nje sinqume ukuxhumana neMinyango efanele ukuze sigweme ukunqanyulwa kukagesi.

Ukucishwa kukagesi ezibhedlela naseziteshini zamaphoyisa kuzoba inkinga enkulu yokulethwa kwezinsiza. Ngakho sesiqalile ukuxoxisana nabathintekayo ukuze basikhokhele izikweletu zabo zikagesi. Njengoba izingxoxo zisaqhubeka sinethemba lokuthi sizofinyelela esivumelwaneni esihle esizovikela lezi zikhungo ukuze ziqhubeke nokuletha izidingo kubantu bakithi,” kusho uSeabe.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Gauteng, uKwara Kekana, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usathathe ikhefu futhi akakwazi ukuphawula.

Khonamanjalo, idolobha lase-Tshwane ngomkhankaso walo othi #TshwaneYaTima ngoLwesibili linqamule ukuphakelwa kukagesi kwa-South African Revenue Service, endaweni enkulu yamaphoyisa akwa-SAPS, esiteshini sase-Gautrain e-Hatfield, kanye ne-Independent Development Trust (IDT).

Esitatimendeni idolobha lithe i-Mendo Properties, okuyiyo ephethe indawo yakwa-SAPS, ibakweleta u-R5.1 million kanti i-Gautrain ibakweleta u-R10 million kanti yayigcine ukukhokhela i-akhawunti yayo ngonyaka ka-2020.

Ithe i-IDT ikweleta u-R8 million kanti ikhokhe u-R4.3 million ngaphambi kokuthi unqanyulwe ngoLwesibili ekuseni.

I-Bloed Street Mall nayo inqanyuliwe; ikweleta u-R1.2 million.

I-akhawunti yabo ye-Twitter iyaqhubeka nokuthela ngehlazo amabhizinisi amaningi.

Scrolla World Cup Quiz