Bazobuya ngenkani abalingisi abakhishwe kuZalo

Philani Mzila

Abadidiyeli boZalo baphoqeleke ukuthi babuyise nabalingisi abagawulwe yizembe kuZalo.

Muva nje ukufuduka kwabalingisi abaseqophelweni eliphezulu emdlalweni owuchungechunge  obukwa kakhulu ku-SABC1 kuqhubekile ngesikhathi abalingisi uMangcobo (uDawn Thandeka King), uGabisile (uBaby Cele) noQhabanga Khumalo (uSiyabonga Shibe) bephuma kulo mdlalo.

Ngokusho komthombo othembekile abadidiyeli, emizameni yokubuyisa izinsuku zodumo, babuyise abalingisi abadlala indawo kaMxolisi ebedlalwa nguNaymaps Maphalala, uMastermind edlalwa nguNtokozo Dlamini noGC odlalwa ngumsakazi we-Gagasi FM aphinde abanguDJ nomlingisi weHostela uKhaya Dladla. Laba balingisi abathathu kuthiwa baqale ukushutha nabalingisi kuleli sonto.

“Ukuphelelwa yithemba kubaphoqe ukuthi babuyekeze izinqumo zabo,” kusho umthombo.

“Abanye ababhali babone sekuyisikhathi sokuthi babadedele benganakile ukuthi babenze uphawu lomkhiqizo olunabalandeli abaningi. Ngesikhathi behamba bahamba nabalandeli babo.”

Enye imvukuzane ithe Uzalo luzama kakhulu ukubuyisa inhlansi njengoba umqhudelwano usuqine kulezi zinsuku ngeGomora, i-Skeem Saam neHostela ezikulo mjaho.

Enye imvukuzane yathi: “Abadidiyeli boZalo bafuna ukusebenzisa okwenziwa  kwiSibaya bese benza ababukeli beze ohlelweni lwabo. Bazimisele kakhulu ukubuyisa izinsuku zodumo.”

Ngokusho kwalo mdlalo, uMastermind noMxolisi bashiya iNingizimu Afrika bayoqala impilo entsha kwelinye izwe kanti uGC yena wayeyoqala kabusha endaweni yangakubo.

Imizamo yokuthola ukuphawula okuphuma kuNay Maps ibe nhlanga zimuka nomoya njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

UNkk Nomfundo Zondo, ongumethuli woZalo, unqabile ukuphawula wathi ulinde imiyalelo evela kubadidiyeli bohlelo.