Lubhalwe nguLinda Ximba
Abashayisibhakela abathathu bakuleli bazoqhudelana kwi-International Boxing Association (IBA) okuyi-Women’s World Boxing Championship e-New Delhi, e-India ngomhlaka-26 kuNdasa.
UThandolwethu Mathiba, uPhiwokuhle Mnguni noLethokuhle Sibisi basebenze kanzima ukulungiselela lo mqhudelwano.
UMnguni ongene esigabeni sika-57kg, wenze izwe laziqhenya ngaye njengoba engumshayisibhakela wesifazane wokuqala wakuleli ukunqoba indondo yegolide kuma-Commonwealth Games ase-Birmingham ngoMfumfu nyakenye.
“Sekungokwesibili ngivela kulo mqhudelwano futhi ngicabanga ukuthi isipiliyoni sami kanye nokuvela kuma-Commonwealth Games kuzongisiza.
Sizolwa kanzima ukuze siphakamisele phezulu ifulegi lezwe lethu.”
USibisi osesigabeni sika-54kg, uzobe ebamba iqhaza okwesibili kulo mqhudelwano.
NgoNhlaba nyakenye, wakhishwa emzuliswaneni wokuqala e-Istanbul e-Turkey kanti ubheke ukushintsha amatafula kulokhu.
UMathiba osesigabeni sika-50kg, useke wabamba iqhaza emiqhudelwaneni yamazwekazi efana ne-African boxing confederation zone 4 elite boxing Championships ebise-Mozambique.
Ozobe ehamba nabo uMlandeli Mngqibisa ongomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo base-Eastern Cape.
Amagama ahamba phambili emhlabeni wesibhakela, okuhlanganisa nabayisishiyagalombili abathole izindondo kuma-Olympics, bazolwela isicoco emqhudelwaneni yase-India ezobe isingathwa okwesithathu.
Kuzoba nezimbangi kuzo zonke izigaba ezingu-12 kulo mqhudelwano ohlinzeka ngesikhwama esinomvuzo ka-$2.4 million (± R43.7 million).
Phakathi kwabashayisibhakela abavelele abathwele amathemba ezwe elizosingatha imidlalo kuzoba uNikhat Zareen, owawina golide esigabeni sika-52kg ku-IBA Women’s World Boxing Championships e-Istanbul nase-Birmingham 2022 Commonwealth Games.
Okuxakayo ukuthi imiqhudelwano ngeke ibalwe njengowokuhlungela i-Paris 2024 Olympics ngenxa yokuthi i-International Olympic Committee kanye ne-IBA yehlulekile ukufinyelela esivumelwaneni mayelana nesimo esifanelekile somqhudelwano oqhutshwa minyaka yonke kabili.
Abasesithombeni esingenhla: UThandolwethu Mathiba, uPhiwokuhle Mnguni noLethokuhle Sibisi
Umthombo wesithombe: Facebook