Bazimisele abashayisibhakela basezweni elikhungethwe udlame

Ezweni elikhungethwe udlame, isibhakela sase-Somalia siqala kabusha ngendlela emangalisayo.

Kuyo yonke le minyaka, okuwukuphela kwekilabhu yesibhakela esemthethweni enkabeni yedolobha yase-Mogadishu isiphenduke ikhaya labashayisibhakela abasafufusa, okubanikeza inhlansi yethemba phakathi nalezi zinxushunxushu.

UNajib Mohamed (20) owaziwa njengompetha wabekane ngempi ababhekana nayo eringini nangokukhula kwane ne-BBC. Njengoba ekhule ezikhathini ezingezinhle lo wesilisa ufuna ukufunda ukulwa ukuze akwazi ukuvikela umndeni wakhe.

Phakathi komsindo wendawo yokuvocavoca, enothuli, enomoya nama-punchbags agugile, uMohamed uthe usekujwayele ukuzwa izinto ezingezinhle futhi kuba nzima .

“Kodwa ubuhlungu buyadamba uma ngingena eringini, nezinkinga ezingizungezile ziyashabalala.”

Indlela akhuliswe ngayo ijwayelekile kubashayisibhakela abasebancane ekilabhini bonke abaphethe izindaba zabo ezahlukene.

I-Somali Boxing Federation, eyasungulwa ngo-1935, yabhekana nokuvinjelwa ngo-1978 ngemuva kwesigameko esibulalayo phakathi nempi. Kuthathe amashumi amane eminyaka ukuthi isibhakela siphinde siqale ngokuvulwa kabusha kwekilabhu ngo-2018.

Manje isizukulwane esisha sabashayisibhakela sikhulisa amaphupho azobenza bahlonishwe umhlaba wonke, u-Abdirahman Mire unobhala-jikelele womfelandawonye wesibhakela uphawula ngokuziqhenya ngalokhu. 

Ngemuva kokubuyela e-Somalia esuka e-Finland okuyilapho abalekela khona phakathi nempi yombango, uMire wadlala indima ebalulekile ekuvuseni iqembu.

“Intsha eningi kuleli inothando lwesibhakela, kodwa ayinakho ukwesekwa, kungumsebenzi wami ukwenza umehluko.

Intuthuko ka-mMohamed selokhu ajoyina ikilabhu yesibhakela yase-Mogadishu ibe yinhle kakhulu. Angathanda ukuthola indondo yegolide esigabeni se-lightweight emqhudelwaneni wasekhaya bese efinyelela ngale kwedolobha lakhe futhi anikeze umndeni wakhe ikusasa eliqhakazile.

Izifiso zakhe zihambisana noMohamed Amin (21) olwela i-middleweight onesizinda esinenselelo efanayo.

U-Amin uncoma ikilabhu yesibhakela ngokushintsha impilo yakhe. Ngokuziqhenya ovule amagilavu ​​akhe, ahlotshiswe ngegama likanina ebonisa ugqozi ngemuva kokulwa kwakhe.

Ukuzinikela kuka-Amin kwaba nezithelo ngesikhathi emele i-Somalia emqhudelwaneni we-African Amateur Boxing Championships obuseMaputo, e-Mozambique. Njengamenje amehlo akhe abheke kuma-Olympics ase-Paris futhi uzimisele ukuletha udumo ezweni lakubo.

Isibhakela sase-Somalia sithole ukuthuthukiswa kokuhlonishwa emhlabeni jikelele ngesikhathi uRamla Ali, ozinze e-London, emele i-Somalia emidlalweni yokugcina yama-Olympic e-Tokyo. Impumelelo yakhe iyisikhuthazo kulabo abasafuna ukulwa ekilabhini yesibhakela yase-Mogadishu, okubhebhezela ukufeza amaphupho abo okuhlonishwa umhlaba wonke.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: Umqhudelwano wesibhakela e-Somalia

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva