Bazilungisela imigwaqo yangakubo

Kabelo Tlhabanelo

Ngenyanga edlule, iqembu labesilisa base-Meqheleng ngase-Ficksburg e-Free State banqume ukuba wusizo ngokulungisa imigwaqo esigodini sangakubo.

UThapelo Molupi, uMokana Nooe kanye noTeboho Ntholi yibona abaqale lolu hlelo kwathi ngokuhamba kwesikhathi bajoyinwa ngamanye amadoda ayisikhombisa asendaweni.

Leli qembu linconywa ngabashayeli bezimoto nosomatekisi ngomsebenzi oncomekayo abawenzayo.

UTeboho uthe bebezithengela usimende ngemali ephuma emaphaketheni abo kodwa muva nje bathola usizo kubashayeli nakubahlali bendawo.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “Le migwaqo isetshenziswa kakhulu izimoto ezithutha iziguli, izimoto zamaphoyisa kanye namatekisi. Sibone isidingo sokuqinisekisa ukuthi bahamba kahle ukuze basheshe bafike kulabo abadinga usizo oluphuthumayo,”

Abashayeli bezimoto babanikeza imali kanti kwesinye isikhathi baqoqa imali engu-R120 ngosuku.

“Amalungu omphakathi nawo asithengela usimende ngoba yiwona esiwudinga kakhulu,” kusho uThapelo.

“Sithole ukwesekwa yihhovisi lemeya elisithengele amasaka amahlanu kasimende nesihlabathi.”.

UMokana uthe iphupho labo ukuzibona belungisa ngisho nemigwaqo kazwelonke e-Free State.

“Kwesinye isikhathi amatekisi ayanqaba ukungena elokishini ngenxa yemigwaqo emibi. Izimoto ezithutha iziguli nezimoto zamaphoyisa kwesinye isikhathi zifika sekuhambe isikhathi ukuzobheka izigameko ngenxa yemigwaqo”.

Umhlali uMnu Mosiako Moleme uthe ujabule ngokuba ngomunye wabaphose esivivaneni.

“Kimina ukukhipha u-R200 ngenyanga kungcono kunokufelwa imoto yami bese ngisebenzisa izinkulungwane zamarandi ukuyilungisa,” esho.

Umshayeli wetekisi uJohn Senatla uthe kudingeke ukuthi alungise itekisi yakhe kanye namasondo kane kule minyaka emihlanu edlule ngenxa yemigwaqo emibi.

“Ngiyajabula ukushayela futhi ngehlise abagibeli bami eduze nezindawo abaya kuzo ngenxa yalezi zinsiswa.”.

Okhulumela i-Provincial Emergency Medical Services, uSipho Towa, uthe uyazi ngemigwaqo emibi ephazamisa ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu endaweni.

Izihloko zakamuva