Lubhalwe nguLungani Zungu
UMengameli uCyril Ramaphosa usindile bemnyakazisa emhlanganweni obushubile weKomiti eliPhezulu likaZwelonke le-ANC (NEC) ngempelasonto.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi amalungu eKomiti eliPhezulu likaZwelonke okubalwa kuwo uTony Yengeni, uTandi Mahambehlala noBheki Mtolo onguNobhala we-ANC KwaZulu-Natal bezame ukusebenzisa ihlazo le-Phala Phala ukumketula njengoba kuyiwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.
UMtolo nabaholi besifundazwe saseKZN baseka owayenguNgqongqoshe wezeMpilo nophinde abe ilungu leKomiti eliPhezulu likaZwelonke uZweli Mkhize esikhundleni sokuba nguMengameli weqembu.
Ngemuva kwalo mzamo ongaphumelelanga, uRamaphosa uvale umhlangano weKomiti eliPhezulu likaZwelonke ngeSonto ngombiko wakhe wezepolitiki njengoba ihlandla leminyaka emihlanu labaholi abakhona kanye nezikhulu eziphezulu lizophela ngomhlaka-16 kuZibandlela uma kuqala ingqungquthela.
“Sibhekane nezinselelo ezibucayi njengamanje okubalwa kuzo ukuvuselelwa kwe-ANC, ukwenza ngcono ukubusa kuzo zonke izinhlaka kanye nokubhekana nezidingo zezomnotho nezenhlalo yabantu,” kusho uRamaphosa.
Njengoba izwe lisakhungathekile ngenxa ye-Covid-19, uRamaphosa uthe uhulumeni we-ANC usebenzela ukuqinisa elakuleli.
URamaphosa uthe abantu bakuleli basakhungathekile ngemuva kobhubhane lwe-Covid-19 kanye nezimo zezulu ezimbi kakhulu ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu kanye nemithelela yengxabano phakathi kwe-Russia ne-Ukraine.
Uthi konke lokhu kube nomthelela omubi empilweni yabantu abangu-40% bakuleli abadla imbuya ngothi.
“Le mindeni nemiphakathi enhlwempu ithwele kanzima ukuze ikwazi ukukhokhela izindleko zemfundo, ezokuthutha, ukudla kanye nezinye izidingongqangi.”
Uthi uhulumeni kazwelonke oholwa i-ANC uhlome ngohlelo lwe-Economic Reconstruction and Recovery Plan – okuhloswe ngalo ukudala amathuba emisebenzi kubantu abaningi bakuleli abangasebenzi.
“Sizibophezele ekulondolozeni nasekutheni sandise ukuvikeleka komphakathi ukuze sivikele abasengozini nokuthi sinciphise ubumpofu,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uphinde wathinta iziphakamiso ezenziwe uMphathi wamaJaji uRaymond Zondo kwiKhomishini yakhe yoPhenyo lokuLawulwa koMbuso.
“Umhlangano wamukele umsebenzi owenziwe amakomiti amancane eKomiti eliPhezulu likaZwelonke mayelana nokutholwe kwiziphakamiso ezahlukene zeKhomishini,” kusho uRamaphosa.
I-ANC ibheke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi yesi-55 ngoZibandlela kusukela ngomhlaka-16 kuya kumhlaka-20 kuZibandlela e-Nasrec, eGoli.
Esithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa
Umthombo wesithombe: sithunyelwe