Bazalelwe yinja endlini abadlali base-Guinea

Menzi Magubane

Njengoba sekusondele imidlalo ye-Africa Cup of Nations (i-Afcon) amazwe amaningi enza izethembiso kubadlali bawo uma bengabuya nendebe ekhaya.

Izithembiso zivame ukubandakanya ukutholwa kwamabhonasi emali uma abadlali bebuya nomklomelo omkhulu. Njengoba imidlalo ye-Afcon 2021 izoqala ngeSonto, imibiko yalezo zithembiso isematheni kwabezindaba – kodwa hhayi kubadlali base-Guinea.

UMengameli wesikhashana wezwe, uColonel Mamady Doumbouya, usexwayise abadlali beqembu lesizwe i-Elephants ukuthi uma bengayiphakamisi indebe ye-Afcon kuzomele babuyisele imali eyasetshenziswa ukubasiza ukulungiselela umqhudelwano.

“Buyani nendebe noma nibuyise imali,” kusho uDoumbouya kwi-Soccer24.

Lokhu kungahle kube inkinga kubadlali base-Guinea njengoba bengakaze bawine emdlalweni eyisishiyagalombili edlule. Umdlalo wabo wokugcina ubungoMsombuluko lapho abahlulwe khona i-Rwanda ngo 3-0 emdlalweni wokulungiselela i-Afcon.

I-Elephants, ecijwa ngumdlali wasesiswini we-Liverpool, uNaby Keita, iku-Group B lapho ehambisana khona ne-Malawi, i-Senegal kanye ne-Zimbabwe. Bazodlala umdlalo wabo wokuvula lo mqhudelwano ne-Malawi ngoMsombuluko e-Bafoussam Omnisport Stadium Kouekong.

I-Guinea idlale ku-Afcon yokugcina e-Egypt kodwa yangakwazi ukudlulela emaqenjini okugcina angu-16. Selokhu yagcina ngo-1976 ukuqeda kahle umqhudelwano ngesikhathi iqeda endaweni yesibili bedlala ne-Morocco e-Ethiopia.

Kodwa njengoba uMengameli uDoumbouya ebafakela ingcindezi enzima kangaka, uKeita – ongumdlali we-Liverpool ofuna ukusuka kuma-Reds – uzokwenza konke okusemandleni ukuthi okungenani aholele leli qembu ukuthi liqede esigabeni somkhumulajezi.

UKeita kulindeleke ukuthi adlale ngoLwesine uma i-Guinea isibhekene ne-Rwanda emdlalweni wayo wokugcina wokuzilungiselela. Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala akazange abe yingxenye yokuhlulwa ngo 3-0 ngoMsombuluko njengoba ebesaseNgilandi.

Umthombo wesithombe: @LFCTransferRoom

Izihloko zakamuva