Bayishumi sebebonke ababulewe imililo yequbula ebhebhetheka KwaZulu-Natal

Lubhalwe nguZukile Majova

Babalelwa kwabayishumi abantu abashonile kubalwa nabezicishamlilo abathathu kulandela ukuqubuka kwemililo yequbula KwaZulu-Natal.

Laba abezicishamlilo abathathu bahaqwe umlilo wequbula obahlasele ezindaweni ezahlukene eBoston KwaZulu-Natal Midlands.

URoland Robertson we-Midlands EMS uthe izicishamlilo beziphuma enkampanini ye-paper and pulp, i-SAPPI.

IMeya yaseMngeni uMnuz Chris Pappas uthe umlilo ubungaphakathi kwemingcele yenkampani ezimele eqashwe ngaphansi kweNgonyama Trust Fund.

Imililo yequbula enyakatho ye-KZN osekuphele isonto ishisa izikhotha ibulale abantu abayisikhombisa njengoba umonakalo omkhulu uke waqoshwa koMasipala uMlalazi, iCetshwayo District Municipality, iLembe, uThukela, neZululand District Municipality.

Abahlali basezindaweni zasemakhaya abalahlekelwe yizindlu, imfuyo namadlelo, bakhala ngokuthi abanawo amanzi okuqeda umlilo kanti nomasipala bendawo abanawo amaloli ezicishamlilo.

Kwesinye isigameko esenzeke eThekwini, kushone owesifazane okhulelwe ngesikhathi kuqubuka umlilo emijondolo yaseKenville ezintatha ngeSonto. Lo mlilo ushise izakhiwo ezingaphezu kuka-100 washiya abantu ababalelwa ku-300 bengenamakhaya.

Esigodini saseCalais eTzaneen, eLimpopo izingane ezine zishe zangqongqa endlini eyigumbi elilodwa ngoMgqibelo.

Amaphoyisa athi umama wezingane uye kubo eduze washiya izingane zakhe endlini. Okwamanje bekungakacaci ukuthi yini edale umlilo.

???Khonamanjalo umphathi wesikhwama sebhange elikhulu usebenzisana ne-Scrollla.Africa ukwelula isandla emndenini olahlekelwe yizimvu ezingaphezu kuka-200 ngesikhathi kuqubuka umlilo wequbula kuQumbu e-Eastern Cape.

UBulelani Yilo uthe baqale balahlekelwa yizimvu ezingu-205 kodwa kwadingeka ukuthi baqedele ezinye ezingu-15 obekukancane ukuthi zisinda ngenxa yokusha.

“Ukufuya izimvu kuwumthombo obalulekile wemali emindenini yethu njengoba sidayisa uvolo ukuze senze imali yokuyisa izingane esikoleni.”

Umndeni kanye nabanye abalimi abancane esifundeni badinga usizo ngokushesha ngokudla kwemfuyo esele njengoba amadlelo amakhulu eshile.

Isithombe esingenhla: Owezicishamlilo olimele ephuthunyiswa esibhedlela eBoston, eKZN.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva