Bayikhe ngamafosholo imali onompempe kweyoMhlaba 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Unompempe wakuleli uVictor Gomes uthole imali efinyelela ku-R1.43 million ngokuphatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba ye-Fifa kodwa manje usezobuyela kuleli njengoba bengekho onompempe base-Afrika kowandulela owamanqamu noma kowamanqamu.

Iphephandaba lase-Spain, i-AS libike ukuthi onompempe bathola imali eyisisekelo engu-$70,000 (u-R1.25 million) kanye nenani elengeziwe ngomdlalo ngamunye kuya ngokuthi umqhudelwano udlalwa kuphi.

Umholo wabasizi bonompempe ubalelwa ku-$25,000 (u-R450,000) wesisekelo kanye no-$2,500 (R45,000) womdlalo wesigaba samaqoqo, nokuyimali uZakhele Siwela wakuleli azoyithola.

UMphathi wonompempe wakuleli u-Abdul Ebrahim usezwakalise ukuphoxeka kwakhe ngesinqumo se-Fifa sokungabafaki onompempe base-Afrika emidlalweni emine yokugcina.

“Yebo, kuyadumaza ukuthi uZakhele Siwela kanye noVictor Gomes basheshe badedelwa, kodwa ukuqokwa yinto engekho ezandleni zethu,” etshela i-GOAL.

“Kumele sibuze ukuthi kungani onompempe base-Afrika benganikwa ithuba emhlabeni wonke ukuthi bephathe emidlalweni yamanqamu.

“Uma ubonile, akukho ngisho igebe esingakhuluma ngalo. Yinto esingeke sikwazi ukuyilungisa.”

Umdlalo ebesizowuthokozela kakhulu bekuzoba ukubona unompempe wakuleli uGomes engunompempe kuma-quarter final emdlalweni we-Netherlands ne-Argentina.

UGomes (39) owazalelwa eGoli uzothatha umhlalaphansi ebholeni lakuleli uma ebuya e-Qatar.

Esithombeni esingenhla: Unompempe wakuleli uVictor Gomes kanye noLionel Messi

Umthombo wesithombe: @iDiskiTimes

Izihloko zakamuva