Bayikha ngamafosholo abaqeqeshi bakuleli 

Izibalo zakamuva ezikhombisa indlela abaqeqeshi bakuleli  abaku-DStv Premiership abakhokhelwa ngayo emaqenjini abo kufanele amaqembu ashayelwe ihlombe, kubhala uMenzi Magubane.

Ibhola lakuleli belilokhu likhula njalo eminyakeni edlule. Ngenxa yalokhu iligi ibilokhu iheha abaxhasi abakhulu, abadlali abanohlonze nabaqeqeshi abavela emazweni angaphandle.

Ubani obengacabanga ukuthi abadlali base-Egypt nase-Morocco bangathanda ukudlala kuleli? Lokho kuyadida impela. 

La mazwe womabili anamaligi ahamba phambili ezwenikazi futhi iningi labadlali belingeke linanaze ukudlala kula mazwe womabili uma ithuba livela.

Eminyakeni edlule ibhola lakuleli likwazile ukubafica futhi iligi yakuleli ithathwa njengehamba phambili e-Afrika.

Kodwa okungidonse amehlo ukuthi amaqembu ayandisa kanjani imali yawo. Eminyakeni yakamuva amaqembu abesebenzisa izizumbulu zemali ukuthenga nokukhokhela abadlali.

Abaqeqeshi bebehlezi beza ngemuva futhi bekungakhulunywa lutho olutheni mayelana nokuthi imalini abagodukanayo ekupheleni kwenyanga. Izibalo zakamuva zikhombisa ukuthi abaqeqeshi babonakala bemamatheka uma beqonda emabhange.

Kule sizini umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane nguyena ohamba phambili njengoba ecosha u-R800 000 ngenyanga. Lokho kubalelwa ku-R9.6 million ngonyaka inkontileka yeminyaka emithathu ayisayine naMakhosi ngoNtulikazi nyakenye.

Umqeqeshi omkhulu weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi ulandela ngemuva kwakhe ngo-R750 000 ngenyanga okungu-R9 million ngonyaka.

Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena no-Eric Tinkler weCape Town City babambene endaweni yesithathu ngo-R7.8 million ngonyaka, kanti uSteve Komphela usendaweni yesine ngemali engu-R7.2 million ngonyaka.

Umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker usendaweni yesihlanu ngemali engu-R4.8 million.

Phambilini umbiko we-City Press ngo-2011 wawuthi umqeqeshi ovelele eNingizimu Afrika wayehola u-500,000 ngenyanga, nokho akucaciswanga ukuthi yimuphi lowo mqeqeshi.

Uphenyo lwengeza ngokuthi abanye abaqeqeshi  ababehola kangcono ngaleso sikhathi babethola u-R350 000 ngenyanga.

Umbiko uveze ukuthi lowo mqeqeshi wayengaba kulamaqembu amathathu iSundowns, iChiefs noma iPirates.

Osesithombeni esingenhla: Ngu-Arthur Zwane

Umthombo wesithombe: The South African

Izihloko zakamuva