Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Imisiko yesintu kasomabhizinisi waseGoli iqubule idumela kwabakuleli abazinze eBrithani naseMelika njengoba beyithenga ubuthaphuthaphu kule nyanga yamaSiko.
UMnuz Norman Dilley wase-Boksburg ngokuzalwa uqale ibhizinisi lokuthunga izikibha zengwe nezemibala yamaNdebele namateki aqhakambisa isintu nezingubo zabesifazane.
Kulemisiko yakhe kube ukuqala ibhizinisi lokudayisa imikhiqiza yakhe online.
Yilapho kuqubuke inqwaba yabezinhlanga ezahlukene bethenga izimpahla zakhe ngaphansi kwenkampani i-House of Zulu SA.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usethola ngisho ama-order ezinkampanini ezithengela abasebenzi bawo imisiko yenqgephu yokubungaza inyanga yamaSiko okunguMandulo.
“Engikwenzayo ukuthi abantu bafaka izicelo zokuthenga bese nami ngenza uhlelo lokubathumela impahla yabo nokuthatha izinsuku eziphakathi kwezimbili kuya kweziyisikhombisa. Ngikhuluma nje ngimatasa nezicelo eziningana zase-United Kingdom nezase-United State of America,” kusho uDilley.
Uqhube wathi kumanje ubesanda kwenza inqwaba yezicelo zeqembu labazivocavocayo okuyi-Team Gravity Core lase-Brynstone e-Sandton.
UDilley uveze ukuthi uhlela nokuhambela iziFundazwe okuyiKZN nalapho ezoqhuba khona ibhizinisi lakhe ukulungiselela umkhosi woMhlanga ozobaseNyokeni noMkhosi wokukhumbula iSilo uShaka kaSenzangakhona obakwaDukuza.
U-Dilley uthe abafaka izicelo bangazithumela ku-houseofzulusa.co.za
