Lubhalwe nguLungani Zungu
Njengoba amazwi enduduzo eqhubeka nokungena ngommeli wamalungelo abantu uThulani Maseko obulawe e-Swazini ngoMgqibelo, izinhlangano ezeseka intando yeningi zitshele iNkosi uMswati III ukuthi “enze akubonayo”.
La maqembu aphumele obala akhomba iNkosi uMswati ngomunwe athi nguyena okhiphe umyalelo wokuthi uMaseko abulawe.
INkosi ibingakaziphenduli lezi zinsolo.
UMengameli we-Swaziland People’s Liberation Movement, uVusi Shongwe uthe bancamela ukufa kunokuphosa ithawula njengoba befuna inkululeko e-Swazini.
“Siyiqalile le nto futhi sizoyiqeda. Uma kufanele sishone makubenjalo. Umfowethu uMaseko ujabule njengoba siqhubeka nokulwa nohulumeni kanye neNkosi,” etshela i-Scrolla.Africa.
UShongwe owaphoqeleka ukuthi abaleke e-Swazini uthe ukubulawa kukaMaseko ngeke kuphazamise amaqembu alwela intando yeningi emizameni yawo.
“Sekuyisikhathi sokuthi amazwe amaningi asisize njengoba silwela intando yeningi yeqiniso yawo wonke umuntu,” esho.
UMengameli we-Swaziland Liberation Movement uMnu Mduduzi Simelani uthe abangabazi ukuthi iNkosi yiyo ekhiphe umyalelo wokuthi uMaseko abulawe.
“UMaseko ubengomunye wabangcono kakhulu,” kusho uSimelani etshela i-NewzRoom Africa.
I-Law Society of Swaziland uMaseko abeyingxenye yayo ikugxeke kakhulu lokho ekubize “ngokubulala uMaseko ngobugwala.”
“Izimo zokushona kukaThulani zidinga uphenyo olusheshayo nolunzulu okumele luveze iqiniso noluzoholela ekutheni labo abathintekayo baphendule,” kufundeka isitatimende somphakathi.
Ekhuluma ngokushona kukaMaseko owayenguMvikeli woMphakathi kuleli uThuli Madonsela uthe: “Ngeke sisakwazi ukuthula kubulawa abantu.”
Ngemuva kwamahora ambalwa iNkosi uMswati III iyalele abasizi bayo ukuthi izitha zeNkosi kumele zishone,uMaseko udutshulwe wabulawa esemzini wakhe ose-Luyengo.
Izinkinga zikaMaseko zaqala ngo-2014 ngesikhathi eboshelwa ukudelela inkantolo ngemibhalo egxeka uhulumeni namajaji.
Emashumini amaningi eminyaka abantu base-Swazini bebelokhu belwela ukuqeda ukubusa kweNkosi uMswati. Imibhikisho yashuba ngo-2021 kodwa yavinjwa ngamaphoyisa namasosha.
Esithombeni esingenhla: Ummeli oqavile wamalungelo abantu uThulani Maseko obulawe ngoMgqibelo
Umthombo wesithombe: Eswatini Newsroom