Dylan Bettencourt
Inhlangano yase-Mauritias yebhola(MFA) iphenya icala elibikwe isisebenzi esithi safice umakhalekhukhwini owawuqopha endlini yangasese yabasifazane.
UMila Sinnasamy ongunobhala we-MFA uthe umakhalekhukhwini utholakale kubhasikidi obuseduze nethangi lamanzi endaweni yangasese yabesifazane.
Amaphoyisa abike ukuthi lokhu abakushicilele phansi bazokuyisa ehhovisi lokushushiswa komphakathi. I-FIFA ithe izobe isiqaphe ngeso lokhozi isimo kusho i-Guardian.
UBindou Kistnairain ohlanza izindawo ze-MFA uthe wathola umakhalekhukhwini ngoNhlaba, kodwa akazange akubike lokho wangenwa amanzi emadolweni ecabanga ukuthi uzoxoshwa.
“Ngaya endaweni yangasese yabesifazane ukuyothatha upulasitiki omyama kubhasikidi. Ngase ngibona umakhalekhukhwini ngaphakathi kubhasikidi. Ngabe sengiyithatha ngizitshela ukuthi khona oyikhohliwe ngenkathi echama” kusho isisebenzi.
Wawubuyisela umakhalekhukhwini lapho awufice khona, kodwa watshela asebenza nabo ababili ngodaba. Ngesikhathi ephindela emuva ukuyobheka yayingasekho.
Ngemuva kokushiya indlu yangasese, isisebenzi sithe unobhala we-MFA uDidier Pragassa wayesephaseji. UPragassa ubengunobhala kusukela ngowezi-2014, kodwa wasula emsebenzisi kuNcwaba ngezinkinga eziphatha impilo yakhe.
Incwadi kaKistnairain ithe uPragassa wayejwayele ukumubona ephuma engena endaweni yangasese yabesifazane nangalolusuku athola ngalo umakhalekhukhwini.
Abasebenzi abaningi bake bafaka izikhalazo kwi-HR bekhalaza ngonobhala ukuthi uhlezi esendaweni yangasese yabesifazane.
UNazeer Bowud osabambile esikhundleni sikanobhala we-MFA uthe uphenyo lwangaphakathi luyenziwa, kodwa wayedidekile ukuthi kungani uKistnairain engalubikanga udaba ngesikhathi lusanda kwenzeka.
“Umakhalekhukhwini wawubona ngoNhlaba. Kungani kungabanga khona noyedwa ongibikela loludaba? Uma ngabe kade bengangithembi ngingakuzwisisa lokho, kodwa base bethulelani? Etshela i-Guardian.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian