
Dylan Bettencourt
Umsubathi waseMelika uSha’Carri Richardson uphakamise imibuzo mayelana nokujeziswa komsubathi wase-Russia uKamila Valieva.
NgoMsombuluko i-Court of Arbitration for Sport (CAS) inqume ukuthi uValieva angaqhubeka nokuncintisana e-Beijing yize ethole imiphumela engemihle eveza ukuthi kutholakale izidakamizwa ezingavumelekile egazini lakhe.
Ngakolunye uhlangothi uRichardson wavinjwa ukuthi angenele umqhudelwano wama-olympics e-Tokyo ngonyaka odlule ngemuva kokuhlolwa kwakhe ukuthi usebenzisa insangu.
“Singayithola yini impendulo ngomehluko wesimo sakhe nesami?” URichardson ubhale ku-Twitter ngoMsombuluko.
“Umama wami washona futhi angikwazi ukugijima ngaphinde ngakhethwa kubasubathi abathathu abahamba phambili. Umehluko mina engiwubonayo nje ukuthi ngingowesifazane osemusha omnyama.”
Lo msubathi waseMelika wenze kahle kweyokuhlungela le midlalo kanti bekulindeleke ukuthi angenele umncintiswano obuzomunika indondo e-Tokyo kodwa uthole isigwebo sezinsuku ezingu-30 sokusebenzisa insangu.
Ukuza kwesijeziso esiphindwe kabili kuza ngemuva kwesonto abalandeli bebhola bephakamise ukukhathazeka ngesijeziso esitholwe nguKurt Zouma ngemuva kokuthi umdlali webhola ebonakale ekhahlela ikati lakhe phansi ekhishini.
Lo mdlali uthole isijeziso esinzima ngesenzo sakhe, esinzima kakhulu kunesabadlali bebhola abatholakale benecala lokucwasa. Iphuzu elishiwo umlingani wakhe uMichail Antonio etshela izintatheli.
Inkulumompikiswano mayelana nokuthi abasubathi abamnyama babhekana nezijeziso ezinzima yini kunezinye izinhlanga iya ngokundlondlobala futhi lesi sigameko sengeza ingxabano.
Owayekade ethole indondo yegolide kwi-skating uMeagan Duhamel uphatheke kabi ngokuthi umsubathi uzoqhudelana kanjani ngemuva kokusebenzisa izidakamizwa.
“Satshelwa ukuthi izidakamizwa ezingekho emthethweni nokuhlukumeza kulungile. Uma kuwukuthi lo mdlalo usumayelana nalokhu, angifuni lutho ngawo.
Ngomhlaka-14 kuNhlolanja 2022 kuzoba usuku okwafa ngalo uthando lwama-olympics,” kusho lo msubathi wase-Canada.
NgoLwesibili izikhulu zama-olympics zithe uValieva uhlolwe watholakala ukuthi unesidakamizwa egazini esidalwe ukuxubana nemithi kamkhulu wakhe. Lo msubathi wase-russia angaqhudelana kodwa akakwazi ukuthola izindondo e-Beijing.
Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes